Masiqhubeke songe amanzi

2016-11-24 06:02

UNKULUNKULU wethu uyizwile imithandazo yethu sikhulekela imvula. Lapho kade sixakwe isomiso esikhulukazi ezweni. Ziningi iziphakamiso ebezenziwa ukuthi iyiphi indlela esingenza ngayo ukuthi sithole amanzi. Uma ubheka kulezinsuku kuhlasele izimvula ezingapheli.

Lezizimvula zizohamba ibanga elide ukulekelela ukuthi sibe namanzi ezindaweni zethu. Okunye ezizokwenza ukuthi zithambise umhlabathi sikwazi nokuya emasimini siyotshala. Njengoba izimvula zinetha masiqikelela ukuthi siyawonga amanzi.

Amadamu esidonsa kuwoma amanzi makhulu kakhulu. Azothatha isikhathi ukugcwaliswa ilezizimvula. Ukuna kwezimvula makungasivali amahlo sidungeke imiqondo sizitshele ukuthi amanzi asemaningi. Lezizimvula ziyalekelela ukugcwalisa amadamu ethu. Amadamu ethu awagcwali masishane yingakho kumele siqinisekise ukuthi siyawonga amanzi ukuthi singaqali siwasebenzise asemadamini ethu.

Umuzi nomuzi awuzakhele uhlelo lokukhongozela nokonga amanzi emvula esingawasebenzisela noma ukuwasha nokunye.

Kubalulekile ukuthi sikuqonde ukuthi ukunetha kwemvula akusho ukuthi isimo samanzi sezingcono. Kodwa sisho ukuthi uma amanzi siwasebenzisa kahle sizoba namanzi amaningi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uma izulu lina amanzi aya emfuleni. Thina njengohulumeni siwadonse emfuleni siwahlanze bese siwafaka emathangeni ethu kuyimanxa eza kinina njengomphakathi. Esikufisayo ukuthi ngesikhathi siwafaka emathangeni ethu nani nibe niwafaka ezintweni ezizokwenza ukuthi niwagcine ninganciki kakhulu emanzini aphuma emapayipini.

Okunye okubalulekile ngemvula ukuthi asiqikelele ukuthi siphephile njengoba imvula ibuye inethe ngamandla. Siqikelele nokuthi izindawo esakhe kuzona akuzona izindawo lapho kuma noma kudlula khona amanzi. IsiZulu sithi lapho ake ama khona phinde ame.

Yingakho kubalulekile ukuthi singayo ngesomiso kodwa siye ngokwazi ukuthi le ndawo indawo ehlala amanzi siyigweme singakhi kuyo.

Futhi silekelele abantu abafuna izindawo zokwakha ukuthi kunezindawo ezihlala amanzi noma ezingumhosha wamazi.

Masibambisaneni ukuqinisekisa ukuthi amanzi ethu siwathatha njengegolide siyawonga. Masizethwese umthwalo njengomphakathi wokubika ukusetshenziswa budedengu bamanzi. Asibike wonke amapayipi avuzayo noma aqhumile masishane emakhanseleni ethi ukuze sigweme ukuchitheka kwamanzi okungenasidingo. Isimo sethu samanzi asikakabi sihle. Asigweme ukuchitheka kwamanzi yize noma sizibona izimvula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.