Nobhubha kusale thina esingadli tshani naphethiloli

2015-11-19 06:00

INTO engiyithandayo ngobuholi bukamoya besintu ukuthi akugcwanekelwa ngakubona, kunohlelo lokukhuluma nethongo.

Kunezigaba ezilusa impilo yomuntu ngokunikezelana okunenhlonipho zikhathi zonke.

Idlozi liyathethiswa uma lingenzi kahle, likhuzwe lapho liphambuke khona, kuphinde kushwelezwe lapho kuphambuke khona abasaphila ngezenzo zabo ezithile. Konke kunomgudu nendlela elandelwayo.

Ungathi-ke ngoba sesadungwa abezizwe bese sixuba yonke inkolo nesiko kuphume ingwe emabala wena owabona isithwalaphishi! Le nkolo esisekelo sayo singuJesu Khristu waseNazaretha ihluke kakhulu ngoba noma ubani uyazitapela nje kuJesu aphume akhe elakhe inxiwa, nomunye atape aphume akhe elakhe.

Bonke bazishaya isifuba ngokuba zindlalifa zezulu kodwa uma ubhekisisa indlela yabo yokwenza ihlukile kwinxiwa nenxiwa.

Ukuxega komgogodla wenkolo yesizwe esinsundu kudlondlobalise la mabandla asebenza “ngogazi” (charismatic churches).

La mabandla aqhudelana ngogazi nezimanga ezigilwa kuwona - Ngikhule ngazi ukuthi kukhona iZayoni, amaRoma, namaNazaretha ngenxa yokuthi kuphela kwamabandla abekhona ngakithi.

Le mikhuba esekuqhudelwana ngayo iya ngokwandwa ngenxa yokukopelana le migilingwane eyaqala phesheya kwezilwandle, yasabalala nezwe lonke njengoba isidla lubi e-Afrika.

Mina-ke njengoba ngingasonti nhlobo ngibuka kahle ngingaphandle ngehlo lenyama hhayi ngelikamoya.

Imfundiso yami ingitshela ukuthi ukukholwa kula mabandla kufana nse nokudla izidakamizwa.

Umuntu odla isidakamizwa esinamandla owenza okusamsanganywana angeke akwenza uma engadlanga. Le mikhuba ikhonzwe kakhulu isimame, angazi noma yingoba sibuthaka kakhulu noma yibo ubufakazi beBhayibheli ukuthi isono sangena ngo-Eva maqede wasidlulisela ku-Adam.

Kule ndaba esematheni yabazalwane abaphuza u-petrol kuvela idlanzana labesimame lihamba lipetezela wena owabona umuntu ecwile ezidakamizweni libangisana ngokuyophuza lesiwasho kuMvangeli/Mfundisi/Mprofethi.

Into enginenga kuthi angishaye umuntu yilena yokuthi labantu bagcwaneka kangaka nje egameni likaJesu noJehova kodwa kwayena Jesu/Jehova uyazibukela, akabenzi lutho.

Le mikhuba isisidicilele phansi yasiqeda kimi isithunzi samabandla asindisiwe egameni likaJesu Khristu waseNazaretha. Nobani onomlomo uvele avumbuke abe ngumgcotshwa, inceku ekhethiweyo eshumayela ifakaze ngegama likaJesu.

Enkolweni yesintu umhlaba awubhubhi, kepha ukufa kuyiyona ndlela esidalelwe ukuthi siyohamba ngayo sifike ngale sibe yizibani zokukhanyisela imindeni yethu esasele kuleli elimagada ahlabayo.

Labothathekile bathi “hhayi yizinsuku zokugcina selizobhubha”… akukho mhlaba wabhubha sidlala nina nihhema la, bhukulani nizinakekele, ningakhohlwa ukuthi nisukaphi, ngaphezu kwalokho ningazikhohlwa ukuthi ningobani.

Uma libhubha lobhubha kunina nodwa sisale thina esingadli tshani na-petrol!

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead

Some dogs go mad the minute they see the leash, drag their owner out the door and once outside start spinning, leaping about and pulling their humans off their feet.

 
 

Paws

SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Does your dog have separation anxiety?
Fascinating facts about dogs
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.