Ogilwe u-MMM uxwayisa ngamaqhinga amasha

2017-07-20 06:01

ISISULU esigilwe yibhanoyi lodumo, u-MMM, sesikhiphe isexwayiso ngokuthi leli bhanoyi elisebenza nge-internet likhula ngamandla njengoba selibuye kabusha eNingizimu Afrika, kanti labo abalahlekelwe yizigidi zamarandi bahlukunyezwa ngokwamazwi ngokukhuluma kwabo.

U-MMM wavala ngonyaka odlule ngemuva kokuhluleka kwabantu ababewusebenzisa ukunikeza amaphoyinti atholwa ngokunikela ngemali labo abasemazingeni aphansi ebhanoyi.

–Akucaci ukuthi ingakanani imali abantu baseNingizimu Afrika eyabalahlekela kuleli bhanoyi, njengoba abanye benamahloni kakhulu ukuthi baphumele obala. Phezu kwalokho, azikho izinyathelo zomthetho abangazithathela leli bhanoyi.

Ngesikhathi abantu sebeyeka ukunikela ngemali kwase kwaba nesomiso samaphoyinti ngonyaka odlule, u-MMM wavele walumisa lolu hlelo wase wabiza amaphoyinti ayesetholakele ngokuthi ama-“Old Mavros”. Ube usuwethula kabusha u-MMM ngonyaka ka-2017, nosuyibhanoyi elisha ceke okuzosetshenzwa ngalo.

Ama-Old Mavros uyakwazi ukuwabuyisa ngokuthi unikezele imali eningi kwabanye abasohlelweni oselavalwa. Ngo-R100 ngamunye owunikezela omunye kumele ubuyelwe u-R10 wamaphoyinti ngokwa-MMM omdala.

Lolu hlelo aluwenzi umqondo futhi alusebenzi, ngokusho kwesisulu sika-MMM omdala. Igama lalesi sisuslu liyaziwa yiFin24 kanti ligodliwe ngezizathu zokuphepha.

Lo utshele iFin24 ukuthi usevele wakhetha ukuphonsa ithawula ngokuthi abuyelwe yimali yakhe engu-R65 000 ngemuva kokuba ezifundele kwezakhe ukuthi kuphelile ngaleli bhanoyi. Uthi abanye abangani balahlekelwe yimali engaphezu kuka-R100 000.

“Basitshela ukuthi sizobuyelwa imali yethu ezinyangeni ezintathu, base bathi yizinyanga eziyisithupha kanti manje sekuphele unyaka nezinyanga ezine,” usho kanje. “Ngiyayivala [i-account] yaleyo mali. Wonke ama-Old Mavros alahlekile.”

Uthi manje kunabantu abangena indlu nendlu bedayisa u-MMM nathi bafika ebhizinisini lakhe befuna abantu abasha. Uthi bamandla kakhulu ekukhangiseni ngaleli bhanoyi lodumo.

“Kuzokwenzakalani uma ngabe liphahlazeka futhi? Ngikhathele manje ukuthi abantu benziwe izilima.”

- Finance24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.