Sesiqalile ukuqeqesha nokucija amakomiti amawadi 1 Deck heading goes here

2016-11-10 06:00

EMVA kokuphothula ukukhethwa kwamakomiti amawadi, sibesesiqala uhlelo lokuwaqeqesha siwacija ukuthi akhanyiseleke kahle ngomsebenzi wawo. Umsebenzi wama wadi komiti akuwona ongawuthatha kancane. Amawadi komiti iwona asisondeza kakhulu nomphakathi singuhulumeni. Nawo uqobo aba uhulumeni osebantwini. Nsuku zonke kumele baqiniseke ukuthi imiphakathi abakuyo ihlezi ngokuthula futhi ithola zonke izidingo zikahulumeni. Okubaluleke kakhulu ukuthi ziluthola lonke ulwazi mayelana nezidingo zabo njengomphakathi.

Umsebenzi wobukhansela umsebenzi onzima kakhulu futhi ongumthwalo omukhulu kakhulu. Ingakho kudingeka ukuthi kube khona abantu abalekelela ukusebenza kwekhansela ewadini. Amawadi komiti angamehlo lapho okhansela lingaboni khona futhi ayizinyawo lapho amakhansela angafinyeleli khona. Ume esebonile abe esedlulisela ekhanseleni ukuthi lingelele. Yingakho kubalulekile ukuthi bathole ukuqeqesheka ukuthi basebenza kanjani. Siyaziqhenya singuMasipala waseMzumbe ukuthi sawaqeqesha wonke amakhansela kuwona wonke ama modules ayisishiyagalombili. Njengoba siqala manje senzela ukuthi senze kahle futhi nakuloku ukuthi sibaqeqeshe bonke ngesikhathi.

Kumakomiti amawadi silindele ubuholi obuqotho obaziyo futhi ukuthi umphakathi uphathwa kanjani. Kubalulekile ukuthi bazi nokuthi izinkinga zemiphakathi zixazululwa kanjani. Akulindelekile ukuthi amakomiti amawadi kube iwona adukisa imiphakathi abange udweshu emiphakathini besebenzisa izikhundla zabo. Kodwa kumele babe umthombo wezisombululo zonke zezinkinga ngokusebenzisana kakhulu nekhansela. Yingakho kubalulekile ukuthi baqeqesheke kahle.

Baqeshwa kwiminxa ehlukahlukene ekufaka phakathi ezokuxhumana, ukuchazelwa umsebenzi waba njengamakomiti, ukuhlelwa kwezimali nokunye okuningi.

Ngiyakholelwa ukuthi uma sibaqeqeshile kahle bazosebenza kahle kakhulu nezinhlaka zonke zemiphakathi ikakhulukazi ubuholi bendabuko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.