Sesiwuqedile u-‘100 days in office’

2016-12-15 06:01

AMAJOKA sawathatha mhlaka 22 August lapho sagcotshwa khona ngokufunga siba amakhansela kumasipala waseMzumbe. Lokho kwabe sekuqala umsebenzi esizowenza iminyaka emihlanu ezayo sithuthukisa izindawo sishintsha izimpilo zabantu ziba ngcono. Lezi zinsuku sizisebenzisa ukwakha isisekelo seminyaka ezayo ukuthi sizoshaya ngonyawo olunjani.

Okugqame kakhulu kokwenzekile ukubona izinhlaka ezahlukahlukene kumasipala. Lezi izinhlaka esisebenza nazo kumasipala nezenza ukuthi kuthiwe uMasipala uyasebenza. Ngosuku lokuqala emva kokufunga sahlangana nosomabhizinisi abancane. Lapho sasidweba khona isithombe nabo sezinto esizilindele kubona nezinto abathi bazilindele kithina. Uma singaqinisi amaxhama ezokuxhumana nosomabhizinisi loko kuzosho ukuthi asiyi ndawo singuMasipala. Sibambe umhlangano nenyunyani kanye nabasebenzi ikakhulukazi ukuzethula ngokusemthwethweni kubona. Sabe sesibanika ithemba lokuthi alukho ushintsho oluzophazamisa ukusebenza esiza nalo. Sabanxusa ukuthi baqhubeke nokusebenzisana nathi njalo.

Sabe sesibona ukuthi kubalulekile ukuthi sibone Amakhosi aseMzumbe ngoba abantu esibaholayo bahlala ezizweni zamaKhosi. Okunye ukuthi bekumele sizethule ngokusemthethweni kuMakhosi wonke okufaka nalawo angahlalo kwiSigungu sethu kuMasipala.

Saba nomhlangano omuhle kakhulu othi kuzoqina nakakhulu ukusebenzisana phakathi kwethu namaKhosi. Siphinde saba ingxenye yomhlangano wokusungulwa kohlaka olubhekelele ukuhlunyeleliswa kwezimilo. Ziningi izigameko ezikhombisa ukuthi uhambile umuntu kumuntu. Leli komiti lizosebenza ukuthi kubuyiselwe izimilo kubantu. Izimbizo zethu zibe ingxenye yemihlangano esiyibambile. Abantu bathola ithuba lokuphakamisa izinto eziningi kuzona.

Ezinye zazo zifaka phakathi imigwaqo, izindlu, amanzi, izindlu zangasese, ukudaleka kwamathuba emisebenzi nokunye.

Okubalulekile kuloko ukuthi njengomasipala simatasa ukuletha intuthuko emiphakathini yethu. Lezizinto abaziphakamisile zivele zisezinhlelweni zethu. Uma ngingakhuluma ngokulungiswa kwemigwaqo sivele sinemishini egijima wonke amawadi ethu ulungisa imigwaqo. Lapho kushoda khona inkwali siyayithwala siyoyigcwalisa kulunge imigwaqo. Amathuba emisebenzi ayavele yize noma kungeke kuqasheke wonke umuntu kodwa baningi abaqashwayo kuhulumeni uwonke abasebenza kumasipala okufaka phakathi CWP Kanye no EPWP nabasebenza ngezemvelo. Leyo imisebenzi ixosha ikati eziko. Sibe sesikhetha futhi saqala nokuqeqesha amakomiti amawadi ukuze kusebenzeke kahle. Ama ward-komiti ayingxenye enkulu yokusebenza kukahulumeni wasemakhaya.

Savakashelwa uNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu Natal sizodingida izindaba zokuphepha emphakathini wethu. Umphakathi namaphoyisa bathola ithuba lokukhuluma beqhamuka nekhambi lokulwisana nobugebengu. Ngeke sikwazi ukuhlala emphakathini ohlushwa izigebengu odinga wonke umuntu ukuthi asukume.

Kwesikwenzile kungiqinise idolo ukuthi iminyaka emihlanu ezayo izoba iminyaka esizosebenza kahle kakhulu. Siyafisa ukuthi lokubambisana esikubone kulezinsuku eziyi-100 sizokubona kuze kuphele iminyaka emihlanu ezayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

How to get rid of fleas

Before you call in the pricey exterminators, try this DIY approach that promises to get your flea problem under control.

 
 

Paws

12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Do you know what you are feeding your dog?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.