Sibheke ngabomvu inkulumo kamongameli

2016-02-11 06:00

KULELISONTO uMongameli wezwe uMnu. Jacob Zuma wethula inkulumo yokuvula iphalamende neyokuqala unyaka omusha. Kuningi okusuke kubhekwe abantu ezintweni ezenzeka ephalamende. Abanye babheka ingqephu nedlela amalunga ephalamende ahamba ngayo kukhaphethi obomvu, kanti abanye babheka ukuthi ubani uhamba nobani. Lezo ezinye zezinto ezenza ukuthi kube mnandi ukubuka lo mcimbi.

Okubaluleke kakhulu ukuthi silalele umyalezo kaMongameli ukuthi uthini. Uzothinta kafushane unyaka odlule bese engena kunyaka esikuwo. Lezo zinto azozisho izona zinto esizobe siphila ngazo kulonyaka-mali. Uzophawula ngezempilo, ezemfundo, ezokuphepha, ezomnotho, ezenhlalakahle yabantu, ezokungcebeleka nokunye okuningi. Kubalulekile ukuthi njengabahlali silalelisise ukuthi uthini. Phela izinto ezishowo uMongameli zingamaqubu uhlahlo-mali ungqongqoshe wezimali uMnu. Pravhin Gordhan azokwakhela phezu kwawo uma aba imali yonyakamali esikuwona.

Kubalulekile kakhulu ukuthi sigqugquzele nezingane zethu ezisakhula ukuthi zilalele inkulumo kaMongameli. Kuleminyaka edlule kade sibambisene noGovernment Communications Information Systems (GCIS) ukuhambela izikole sibuke ndawonye inkulumo kaMongameli. Loko kwakufaka umoya ezinganeni zokulandelela nokuthanda izwe lazo. Othisha ezikoleni kubalulekile ukuthi bahlaziyele izingane ukuthi umyalezo kaMongameli bewuthini. Loko kwenza ukuthi kube lula ukuqonda izinto ezenzeka ephalamende lethu. Ngokomyalelo weHhovisi likaMongameli esifundazweni KwaZulu-Natal umphakathi ungayibuka e-Impendle Thusong Centre, Indaka Sport Ground nase Ezakheni MST Academy. Akukho okuvimba abantu emphakathini ukuthi nabo bazenzele izinhlelo zabo zokubuka le nkulumo kaMongameli.

Okunye okuthinta thina ngqo esilindele ukuthi uMongameli akhulume ngako ukhetho lohulumeni basemakhaya oluzayo. Kuningi azosazisa kona mayelana nalolukhetho. Yingakho kubalulekile ukuthi silalele umyalezo kaMongameli. Asizinikezeni ithuba silalele umyalezo kaMongamezi wesizwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.