Sibonga ukusebenzisana ekusizeni abantu

2016-02-25 06:00

ILANGA langoLwesine olwedlule lashona nezindaba ezasethusa kakhulu singabahlali bakuMasipala waseMzumbe. Sathola imibiko ephuma kwiNkosi yesizwe sakwa Cele eMfangisale uMntwana B. Cele nekhansela lewadi uMqadi besazisa ngesiphepho esinamandla amakhulu esidale umonakalo. Sabe sesithumela ithimba lethu masinyane ukuthi liphuthume liyobheka isimo.

Lahlangabezana nezinkinga ngoba kwasekumnyama futhi kunenkungu. Kodwa bakwazi ukuthi basuse izihlahla ezazivale umgwaqo nokuthi bagudluze izintambo zikagesi ezaziwele emgaqweni kanye nothayela owawuphephukele emgwaqeni. Lasebenzisana kakhulu neNkosi yakwa Cele ukuthi kuphuthunywe izindawo ezazikhahlamezeke kakhulu kulobo busuku.

Ekuseni ithimba lethu lezinhlekelele lavukela khona futhi kwaNhlalwane kanye nami uqobo ukuyoqhubeka nokulekelela kulokho obesekuvelile. Ngenxa yokukhanya kwelanga lasekuseni nenkungu uyayembethe izintaba zakwaNhlalwane eyayisishabalele kwaba lula ukubona izinga lokukhahlamezeka kwendawo. Imizi ebalelwa ku 150 eyayipheshukelwe uphahla, izikole ezintathu uNomageje Primary School, Nhlalwane Primary School Kanye neDubandlela High School ezalahlekelwa uphahla kwashiya izingane zisele dengwane zingenayo indawo yokufunda. Loko kwaphazamisa impela ukufunda kulezikole zontathu. Umtholampilo wendawo nawo wakhahlamezeka ngoba uphahla lwathinteka ngenxa yalesiphepho.

Okwangijabulisa nengikubongayo ukubona ukubambisana kwezinhlaka ezahlukene ezifaka phakathi ubukhosi bendabuko, Inkosi yakwaCele Kanye neNkosi yakwaMsomi uMasipala waseMzumbe, uMasipala wesiFunda Ugu, uMnyango wezeMpilo, Red Cross, uMnyango wezeNhlalakahle, uMnyango wezokubusa ngokubambisana, abefundisi, uMnyango wezeMfundo nomphakathi wonkana. Sibe sesithola ngoMgqibelo ekuseni ukuthi kwaWadi 4 ingxenye ethile yakwa Dweshula kwa Wadi 1, KwaQwabe Wadi 5, St Faith’s Wadi 6, Mfimfitha Wadi 12, Mswilili kanye nakwa Morrison Wadi 13 nazo zakhahlamezeka ngenxa yalesichotho.

Sekusungulwe ngokukhethekile ithimba elibhekene ngqo nalesisehlo ukuthi kubuyiselwe isimo kwesejwayelekile. Lelithimba lididiyelwa uMasipala wesiFunda. Kunemihlangano ekhona ukuxoxisana nabobonke abathintekayo ukuze bathole usizo olufanele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.