Siqala uhlelo lokuhlelela iminyaka emihlanu ezayo

2017-01-26 06:01

EMVA kokufungiswa komkhandlu wethu kube sekuguqa iminyaka emihlanu yokuhlela kukaMasipala wethu sekuqala kabusha ukuhlelela iminyaka emihlanu ezayo ka 2017-2021.

Kuningi esikufundile eminyakeni emihlanu edlule okuyikona okuzosisiza kakhulu ukuqhubekela phambili. Njengoba sesiqhubekela phambili siqhubeka sinokwazi lapho sesifinyelele khona nalapho singakafinyeleli khona.

Ngokubambisana namaKhansela, Amakhosi, abasebenzi bakaMasipala, umphakathi, izinhlangano ezizimele nawowonke umuntu sizohlela ukuthi kusukela manje kuya phambili yini ekumele siyenze ukwenza ngcono izimpilo zabantu. Isithombe esinaso manje somsebenzi owenziwe sisithola emibikweni edlule.

Kanti futhi isithombe sokumele kwenziwe sisithola kuzona zonke izimbizo nemihlangano yemiphakathi ekade siba nayo kabili ngonyaka ezingeni likaMasipala kanye nasezingeni lama khansela amawadi.

Ngiyethemba ukuthi lesisithombe esinaso sicace bha ukuthi sihlangabezana nazo zonke izinkinga esibhekene nazo.

Zikhona izinhlelo eziqhubekayo ezifaka phakathi ukwakhiwa kwamahhovisi amasha kaMasipala wethu, ukuqhubeka nokwakhiwa kwe-Indoor Sports Centre, ukuqhubeka nokwakhiwa kweNtelezi Msani Heritage Centre ikakhulukazi ukwakhiwa kwe library nokuhlonzwa kwezinye izindawo zokwakha enye i-Indoor Sports Centre. Kumanje sithakasela ukwakhiwa kwe Mall.

Kanti sibheke ukubona ukwakhiwa kwamanye ama-mall endaweni yasoPhepheni naseJunction eSt Faiths.

Ukuthuthuka komnotho wethu okona esikubeke eqhulwini njengoba sinxenxa iminyango ehlukahlukene keHulumeni ikakhulukazi obhekelene nokudoba ukuthi wonke umuntu odobayo akwenze loko ngokusemthethweni futhi akwazi nokuziphiliza ngako. UMnyango wezeMfundo ephakeme ikakhulukazi eSayidi Tvet siqhubeka nokusebenzisana nawo ukuqeqesha nokunika amakhono abahlali baseMzumbe ezintweni ezihlukahlukene.

Ngiyanxusa ukuthi siqinisekise ukuthi asidlali ngamathuba.

Uma sesiqedile ngeziphakamiso sizobuyela emphakathini ukuzoxoxisana nawe ukuthi izona ngempela izinto ababeziphakamisile ezimbizweni ukuze sikwazi nokuhlela kahle izimali zokwenza leyo misebenzi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Does your dog have separation anxiety?

We've got tips, advice and how to help your dog

 
 

Paws

Fascinating facts about dogs
Perfectly captured cat snapchats!
Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.