Sisebenzise R650 000 ukubhalisa intsha emanyuvesi

2017-03-23 06:03

LIKHULA ngesikhulu isivinini isasasa lentsha ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. Izinyanga zokuqala zonyaka zisuke zimatasa kakhulu ehhovisi labantu abasha ngoba ilapho intsha izofaka izicelo zokulekelelwa ukuze ibhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Loluhlelo lokulekelela lwaba umbono wabantu abasha ngonyaka we-2009 lapho bebuka ukuthi iningi lentsha liphumelela kahle ibanga leshumi bese lihlala ekhaya ngenxa yokuntula imali yokuqhubeka nezifundo. Umbono wawuthi ngoba lukhona uhlelo luka NSFAS uma sewungaphakathi esikoleni kuhle thina njengomasipala sibawezele ngaphesheya. Imali yaqala incane kunale eyiyo manje. Eminyakeni emibili edlule yayi-R450 000. Kwabonakala ukuthi ziningi izicelo ezigcina zingahlangabezekanga. Sabe sesiyikhuphula iba uR650 000. Impela lemali ibukeka iyiningi kodwa kunabantu namanje abangazange bathole usizo ngenxa yobuningi bezicelo.

Singuhulumeni sibona kubalulekile ukuthi silekelele izingane zingene ezikhungweni zemfundo ephakeme ukze sihlangabezane nezidingo zezwe lonke. Kumanje izwe lethu lintula onjiniyela, ochwepheshe bemikhakha ethile ukuze ihlangebezane neNDP 2030 kanye nama Millenium Development Goals. Luselude ukhalo esisazoluhamba ukufika ezicongweni kodwa konke kuqala kancane kuze kufike phezulu.

Kubalulekile ukuthi ngiphawule ngobudedengu obenziwa abantu abasha abafaka izicelo. Ezinye zezicelo ezingaphendulwanga ingoba azigcwaliswanga ngendlela futhi kukhona nemininingwane eshodayo. Noma ihhovisi labantu abasha selithintana nofake isicelo kube nhlanga zimuka nomoya. Siyanxusa ukuthi siqikelele ukuthi sigcwalisa kanjani ifomu lokufaka isicelo nanokuthi imiphi imininingwane edingekayo. Abanye abasifaki isicelo sokufunda ohlelweni lakwa CAO loko okwenza ukuthi kushode imininingwane. Njalo ngonyaka ihhovisi labantu abasha lihambela izikole ikakhulukazi amabanga eshumi ehambisa ama-CAO forms ukuthi bawagcwalise ngoba Ilona hlelo olulandelwayo uma uhlose ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. Siyanxusa ukuthi ake silandele yonke imininingwane ukuze sibe sesimweni esihle sokulekeleleka kuloluhlelo.

Loku esikwenzayo njengomasipala sikwenza ukuhlangabeza umbono kazwelonke we-NDP 2030. Sinabo abantu abasha abaningi abahlomula ngokulekelelwa ilemali asebafunda baqeda basebenza. Njalo bahlale besikhumbuza ngokubaluleka kwaloluhlelo benxusa ukuthi singaluyeki ngoba mukhulu umehluko eliwenzayo ezimpilweni zabantu abasha.

Sisazoqhubeka nokusebenzisana ngokwethembeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
Travel Dreams? Where would you rather be right now?

Partnered: Whether you're missing family overseas, dreaming of family adventures or romantic hideaways we all have that one place we'd rather be right now - but have you thought about the best way to get there?

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.