Sithole umbiko ongenagcobho okwesithathu kulandelana

2017-02-09 06:01

SITHIOLE umbiko ongenagcobho okwesithathu kulandelana.

Sisaloku sisebenze ngokuzimisela njalo ukuqinisekisa ukuthi sithola imibiko engenalo ugcobho kumcwaningi mabhuku.

Nakunyaka mali 2014/2015 siphinde sathola umbiko ongenagcobho. Kuningi okwenza ukuthi sithole imibiko emihle. Kuzokhumbuleka ukuthi okwesithathu sithola umbiko omuhle kanje.

Loku kuyinselelo enkulu kithina njengobuholi obusha kumasipala. Yize noma kade sivele sikhona kwezinye izikhundla sizoqhubeka nokuhle ukhansela ST Gumede akwenzile ukugcina igama elihle lokuphathwa kwezimali zomkhandlu. Ukuthola lemibiko okukona ukuqondana nje kwezinto. Kuningi okumele sikwenze ukuqinisekisa ukuthi izimali siziphatha kahle. Imali siyisebenzisela izinto ehlelelwe zona sigweme ukuchitheka kwamali okungenamsebenzi.

Siyaqhubeka njalo nokwakha ingqalasizinda ehamba phambili. Kumanje kuyaqhubeka ukwakhiwa kukaNtatshana Access road kwaWard 7. Nokwakhiwa kwe Nkanini Indoor Sport Centre kuyaqhubeka. Futhi sibheke ngamehlo abomvu ukwakhiwa komtapo wolwazi ekuqaleni konyaka ozayo kwa ward 10 Ntelezi Msani Heritage Centre. Ukwakhiwa komtapo wolwazi sikwenza ngokubambisana noMnyango wezamaCiko namaSiko. Leyo mali siyithola ohlelweni olwaziwa ngeMIG. Maduze nje sizokwakha umgwaqo uMagongqo Access Road kwaWard 11. Nezinye izindawo esisazohambisa khona intuthuko.

Ukwakhiwa kweMall laphaya rank yasoThuthwini kuyuasijabulisa kakhulu ngoba kuzokwenza izimpilo zethu sonke zibe lula.

Asiqinisekise ukuthi konke okwenzekayo kulendawo sivikela igama lendawo yethu. Asilwisane nobugebengu noma ngabe obunhloboni. Asibike bonke ubugebengu kwabomthetho.

Ngaphandle kokwakhiwa kwengqalasizinda siyaqinisekisa njalo kukokonke esikwenzayo ukuthi sikwenza ngokulandla imigudu nemithetho elawula ukusetshenziswa kwezimali.

Sengiphetha anginifisele nonke uKhisimusi omuhle onokuthula nothanda emiphakathini yethu. Masibe abantu abasondela kuNkulunkulu sithande imindeni kanye nomakhelwane bethu. Asiqinisekise ukuthi siyagweba ukushayela siphuzile ukuze sigweme izingozi emigwaqeni. Uma sithatha izindlela ezinde masiqinisekise ukuthi siyazinika ithuba lokuphumula njalo.

Masonge imali ngalamaholide singayichithi iphela singabesingasakwazi nokubhalisa izingane esikoleni ngonyaka ozayo. Abayofunda unyaka wokuqala abeze kithina sibalekelela ngokubakhokhela imali yokubhalisa unyaka wokuqala.

Nginifisela unyaka omusha omuhle onezibusiso nempilo enhle

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.