Sithuthukisa osomabhizinisi abancane

2016-06-09 06:00

KUNINGI esikuhlelile kulenyanga yabantu abasha. Ukubungaza iminyaka engamashumi amane yosuku lwabantu abasha sihlele ukuhlangana kweyesithupha iYouth In Business Indaba nosomabhizinisi abancane baseMzumbe. Isiqubulo esihlangana ngaphansi kwaso sithi “Iminyaka engamashumi amane intsha iqhubezela iNingizimu Afrika phambili”.

Lapho bazothola ukuxoxisana nabanye osomabhizinisi, abatshali zimali abahlukene, ababolekisi zimali kosomabhizinisi nabanye abantu abasemkhakheni wezamabhizinisi. Lo mcimbi uzoqiniskisa ukuthi bonke osimabhizinisi abangabantu abasha abakhona ngaphansi kukamasipala wethu bayahlomula kakhulu.

Sikuqonda kahle kakhulu ukuthi ukukhuliswa kosomabhizinisi kuhamba elide ibanga ekuthuthukiseni imiphakathi. Uma kunamathuba amabhizinisi kwanda amathuba emisebenzi emphakathini. Sibheke ukuhlanganyela nosomabhizinisi emikhakheni ehlukahlukene efaka phakathi ezokuvakasha nokungcebeleka, ezokwakha, ezokuhweba nokunye okuningi. Sizobe sesikhetha ikomiti elisha elizobhekelela ukusebenza kosomabhizinisi abancane kumasipala waseMzumbe. Lelikomiti ilona eliqhamuka namaqhinga amasha njalo lokufukula osomabhizinisi abancane babe abakhulu.

Ayavela amathuba kosomabhizinisi ukuthi basebenzisane nosonkontoleka abathole umsebenzi kumasipala waseMzumbe. Loko kwenza ukuthi bakwazi ukukhuphula loko abakubiza ngama grade. Lelikomiti sizosebenzisana nalo njalo ukubheka izinqumo ezithathiwe kwengqungquthela, ukudweba imigomo emisha yokusebenza izinto ezibhekele osomabhizinisi abancane, ukuqhakambisa amathuba avela ezinhlakeni zikahulemeni emazingeni wonke nokuvuselela njalo ukusebenzisana nohulumeni wesifunda.

Sihlele ukuthi kube khona izikhulumi ezinohlonze ezingosomabhizinisi abancane. Phakathi kwazo kubalwa uAndile Gumbi weSikhunyana Consulting Kanye noCalvin Ntenga weNext Level Entertainment. UNtenga ungomunye wosomabhizinisi abanohlonze asebehambe umhlaba bethekela ulwazi. Siyethemba ukuthi lukhulu oluzohlumulwa osomabhizinisi bethu abasebencane kulezinsuku ezintathu zalombuthano.

Lomcimbi sizowubamba Kanye neminyango ehlukahlukene kahulumeni ekubalwa owezokuThutha, owezeMpilo, owezokuThuthukiswa koMphakathi, owezokuThuthukiswa koMnotho, nemunye. Kanti sizobe sihanjelwe ilaba abazokwenza izethulo ngemisebenzi namathuba abanawo okubalwa SEDA, CIDB, SARS, KZN Liquor Authority, GCIS, amabhange (ITHALA, ABSA, FNB), National Empowerment Fund (NEF), Ugu District LED, National Youth Development Agency (NYDA), South Coast Development Agency (SCDA), South Coast Chamber of Commerce kanye neSouth Coast Tourism. Sibe sesimema izinhlangano zabantu abasha ezizimele ekubalwa iEYODO, South Coast Youth Empowerment, South African Computer Refurbishment and Distribution kanye neUmzansi Brothers.

Umcimbi uqala ngolwesine eMargate Hotel uphele ngoMgqibelo.

Lomcimbi sizowubamba Kanye neminyango ehlukahlukene kahulumeni ekubalwa owezokuThutha, owezeMpilo, owezokuThuthukiswa koMphakathi, owezokuThuthukiswa koMnotho, nemunye, kanti sizobe sihanjelwe ilaba abazokwenza izethulo ngemisebenzi namathuba abanawo okubalwa SEDA, CIDB, SARS, KZN Liquor Authority, GCIS, amabhange, Ugu District LED, (SCDA), South Coast Chamber of Commerce kanye neSouth Coast Tourism.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.