Sizovakashelwa iKaizer Chiefs

2017-02-16 06:01

KUYASIJABULISA singuMasipala ukubona izinkampani ezizimele zifaka isandla emiphakathini yethu ukwenza ngcono izimpilo zabantu. Kuningi esesikubonile kwenziwa izinkampani ezinkulu ukufukula izindawo zethu. Yingakho uma sithola isicelo seKaizer Chiefs ukuvakashela indawo yethu bese ixhumana nezikole ezithile sibe sesiyamukela ngezandla ezimhlophe. Loku kuzokwenzeka ngaphambi komdlalo wabo ozoba ngomgqibelo eMoses Mabhida Stadium.

Kusasa ngolwesihlanu kuzotheleka iqembu lebhola likanobhutshuzwayo iKaizer Chiefs ngenhloso yokuphakamisa igama layo nokwakha amaxhama ezokuxhumana nomphakathi waseMzumbe noGu lonke. Leliqembu lizofika nabadlali balo kwaMasipala waseMzumbe ekuseni beseliqhubekela Esibanini Community hall lapho kuzofundiswa khona intsha ephuma ezikoleni iBonguZwane High School, Sinokubonga School, BonguCele School, Zibonele High School Kanye neSithokozile High School. Lezizingane zakulezikole ezifunda amabanga aphakathi kuka Grade 8 no 10 zizoba sethubeni lokufundiswa ubuchwepheshe ubunhlobonhlobo okuzobasiza ezimpilweni zabo. Nanokuthi bafundiswe amathuba Akhona emkhakheni wezemidlalo.

Ithuba elizoba ingqayizivele kakhulu ukuhlangana bukhona nabadlali bebhola balo leliqembu bazibuzele bukhoma imibizo abanoyo kubona. Amalunga omphakathi ozoba nethuba lokubabona nabo. Emva kwalowomhlangano inkampani yakwaVodaCom engumxhasi osemthethweni waleliqembu lebhola uzokwethula izipho aziphathele lezizingane. Lezi izipho ezinobuchwepheshe obuzikwenza ukuthi lezizingane zifunde kalula futhi zifunde kangcono. Bazodlula bese beya eShelly Centre lapho bayoqhubeka khona nomkhankaso wokubona bonke abalandeli babo.

Kuyoba kuhle uma sizobakhombisa uthando njengoba bezobe besihambele ukuze baphinde babuye futhi nezinye izinto ezinhle ezizosithuthukisa njengomphakathi waseMzumbe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.