Ulanda ngomculo wendabuko uDJ Mshedis

2016-08-04 06:00
Umsakazi uDJ Mshedis Xolo.

Umsakazi uDJ Mshedis Xolo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ANGIPHINDE nginibingele kule ngosi lapho sikhuluma ngomculo wakhona la ekhaya eNingizimu Afrika.

Namuhla sizoxoxa ngomculo kamasikandi. Lomculo wendabuko wasendulo wawusetshenziswa amaciko akudala lapho izinsizwa zazinandisa ngawo uma kunyanyiwe. Ngokunye insizwa yayithi uma iyoshela kwesinye isigodi ihambe idlala isiginci sayo. Isona esasiyenza izethembe uma iyoshela ezintombini zaleyo ndawo.

Lomculo kamasikandi umculo owawungenalo idumela futhi ubukelwa phansi kakhulu, uthathwa njengo wabantu abasemuva ngokwempilo nokuphucuzeka.

Ngimthulela isigqoko uMnu. Welcome Bhodloza Nzimande owayengumsakazi woKhozi FM owagcina ewumphathi walomsakazo ngokuthi abeke ezingeni eliphezulu lomculo. UPhuzushukela uma engavuka kwabafileyo kungaba intokozo kuyena uma engabona lomculo usunedumela elingaka futhi unabalandeli abaningi.

Abaculi nabahlonishwayo kulendima yomculo ngingabala uJohnston zibokwakhe Mnyandu “Phuzekhemisi’, Jonathan Clegg, Amatshitshi Amahlophe, Izingane’ zoma, Bhekumuzi Luthuli ongasekho noMfazi’ Omnyama naye ongasekho. Bawubeke kweliphezulu izinga lomculo kanti namhlanje sekunemicimbi ephezulu yokunikezelwa kwezindondo.

Angeke ngikhohlwe izingwazi ezifana noMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa ongasekho noMgqumeni Khumalo naye ongasekho ababa nedlela eyahlukile ekudlaleni lomculo. Lokho kwaholela ukuthi babebaningi abaculi baloluhlobo balandele indlela abadlala ngayo.

Lomculo ukhula ngesikhulu isivinini kanti ubonakala ungeke usashabalala njengoba kwenzeka kumbhaqanga.

Ngithi phambili ngomculo wendabuko umasikandi, ngiphinde ngithi phambili ngabasakazi baloluhlobo lomculo, njengo Ngizwe Mchunu, Tshatha Ngobe boKhozi no S.S.S Zakuza weRadio Sunny South. Ngiyabonga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.