Umasipala usahlunga abazoxhaswa ngemali yokubhalisa

2016-01-14 06:00

NJENGOBA isiphumile imiphumela yabafundi bakamatikuletsheni, umasipala iHibiscus Coast uthi usematasa uhlunga labo abazothola uxhaso lohlelo lwemali yokubhalisa enyuvesi.

Ngoyaka odlule lomasipala wakhipha isimemezelo sokuthi labo abangenayo imali mababhalisele loluhlelo njengoba kunemali engango R550 000 ebekelwe lona.

Okhulumela umasipala uMnu. Simon April uthe izicelo ezafakwa zaba ngu-183. UApril uthe emva kokulethwa kwezicelo kwafaneleka ukuthi kulindwe imiphumela ukuze kuhlaziywe kahle lezi zicelo.

“Abafundi abafaka izicelo sabanika isikhathi ukuthi balethe zonke izimfanelo yabo edingakalayo ungapheli umhlaka 6 kJanuary obungoLwesithathu olwedlule,” kusho uApril.

Uthe ekuhlungeni kwabo baye bahlunga inani elithize bese bafaka elinye ohlwini lwabazolinda.

“Umakwenzeka ukuthi umfundi wayekulohlu ebeselihlungelwe ukuthi luthole loluxhaso akaphumelelanga bazobe sebethatha omunye kulaba abebe bekwe eceleni,” kusho uApril.

Ngokusobala alisekho elinye ithuba kulabo abasala ngesikhathi kusabhaliswa njengoba uApril echaza ukuthi kunezicelo ezabekwa eceleni zibekelwa zona lezizimo ezifana nalezi.

UApril uthe umasipala uzoyisebenzisa yonke imali ekuxhaseni abafundi, kanti futhi umuntu nomuntu esiphumelelile isicelo sakhe uzothola leyomali elingene ukubhalisa kwakhe okuzoya ngezifundo azozenza nesikole azofunda kusona.

“Asikho isikalo semali umuntu ngayedwa kepha woke umunto isicelo sakhe esiphumelele uzokhokelwa leyomali edingekayo,” kusho uApril.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

4 die in Lenasia gunfight

2016-09-24 19:46

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.