Umdlavuza webele uyatholakala nasemadodeni

2016-02-25 06:00

ISIFO somdlavuza phecelezi icancer isifo esesidume kakhulu esikhathini samanje. Uhlobo lomdlavuza webele lona ujwayeleke ukuthi lutholakale kwabesimame kodwa okumangazayo ukuthi nabesilisa bayasithola lesi sifo.

Ngokocwaningo olwenziwe, kutholakale ukuthi umdlavuza wezibele emadodeni utholakala ku-1% wezigameko ezibikwayo kanti utholaka kakhulu emadodeni aseneminyaka engaphezu kwamashumi amane.

USesethu Senene wakwaCansa South Coast uthe abakaboni amadoda amaningi lapha eSouth Coast anomdlavuza wezibele kepha wona ukhona

“Umdlavuza wezibele ukhona, ingakho sihambela imitholampilo sifundisa futhi sihlola abesifazane nabo abesilisa, sibahlolela lesifo somdlavuza, kusho uSenene.

Uthe kuncono uma umuntu ethola kusenesikhathi sokuthi alashwe lesifo.

“Lesisifo sijwayeleke ukuthi sihlasele amadoda athanda uphuzo oludakayo, noma ozalweni lawo kube khona onaso, abakhuluphele kanye nalawo anenkinga yesibindi,” kusho uSenene.

Uthe indlela yokuhlolela lesifo emadodeni iyafana nokuhlola owesifazane.

“Ukuhlola izibele ngokuzithinta thinta ubheke ukuthi azinazigaqa eziqinile.

“Enye ukuya emtholampilo lapho uhlolwa ngomshini kubhekwa ukuthi akukho yini okukhulayo maduzane nesibele.

Izimpawu zomdlavuza wesibele yilezi:

• Isigaxa ebeleni (okungenzeka singabi buhlungu)

• Izinguquko ebukhulwini nokuma kwesibele

• Ukuba nezifaca esikhumbeni esibeleni okungenziwa isimila okuyiso esidonsa isikhumba.

• Ukuphuma kwento engajwayelekile engonweni

• Ukuvuvukala kwehlombe

• Ukuvuvukala kwekhwapha noma eduze kwentamo

Amadoda ayanxuswa ukuthi angayithathi­ kancane indaba yomdlavuza­ wesibele ngoba ikhona kanti­ futhi iyelapheka uma itholakale kusenesikhathi.

“Ngokocwaningo olwenziwe, kutholakale ukuthi umdlavuza wezibele emadodeni utholakala ku-1% wezigameko ezibikwayo kanti utholaka kakhulu emadodeni aseneminyaka engaphezu kwamashumi amane.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.