Umfazi wenyongo akabuyi emendweni

2016-01-14 06:00

NGEKE sathi ngoba nakhu bonke abantu uma beshada mumva nje sebeshadiswa ngabafundisi yize oyedwa wabo engasonti - bese sithi umshado wesiNtu, wenyongo ugwinywe wukholo nosiko lwebhayibheli.

Abantu abathanda ukushumayela belikha phezulu ibhayibheli bavama ukuzikhulumela ukuthanda kwabo njengodokotela becaphune la bethanda khona. Nami ke njengengqapheli ezigcobile ngithi ake ngisike langithanda khona ngibheke ukuthi ithini inkunz’emnyama emlom’bomvu (iBhayibheli) ngomabuy’emendweni.

Uthi uDeuterenomy 25 ivesi lesi-7 kuya kwelesi-9 – Uma abafana bengabesende elilodwa beganiwe, bese oyedwa eshona, umfazi kamfowabo makangagani ngaphandle kwalo mndeni. Umfowabo kamyeni wakhe uyakumthatha amganise afeze umsebenzi wendoda kunkosikazi kamfowabo.

Kodwa uma umfowabo wasemzini enqaba ukungena uMka mfowabo, loyo nkosikazi unelungelo lokumbopha esigcawini sesizwe. Kanti noma le ndoda iqinisa ikhanda inqaba ukumngena lona wesifazane kumele ambeke esigcawini sesizwe, phambi kwabadala amkhumule imbadada eyodwa bese emkhwifa ngamathe emtshele ukuthi “yenziwa njena-ke indoda engafuni ukuvusa umuzi kamfowabo”.

Mina anginankinga, vele zihlale zinginetha ngenxa yokuphawula kwami, okuyizimaku namagovana kungiquza ngapha nangapha, impela nokungenadosi kuyatinyela nje la eNtshebeni kodwa ke namhlanje ngizoke ngizwe! Phela uyabona-ke, seyikhulumile ke ingadla-ngadla, kwakhuluma uJehova umlomo ongathethimanga ngeBhayibheli kwabaSindisiwe nabakholwayo!

NangokwesiNtu indaba imi kanjalo nje, yize-ke isiNtu singawukhuthazi umkhuba kamabophana esigcawini nokukhwifwa ngamathe kodwa sigcizelela yona into efanayo ukuthi oseganile makafele emzini.

Sekukaningi ngibona kushona abanumzane sebeganiwe bebancane qede abafelokazi bathathe imithwalo bathuthe bayogana kabusha.

Uma uganiswe ngenyongo usubizwa ngesidalwa sakulo womuzi, noma ufa usuyobizwa empephweni yasemzini hhayi kwenu. Kangakanani-ke usuhambe wayoqoma kabusha nezinsila zasemendweni zingasuswanga? Mina umfazi oyogana mina uyogugela ekhaya angenwe abafowethu mhla ngifile ukwenzela ukukhulisa izingane zami ekhaya zingahambe zikhala ezintabeni.

Bengingageqi magula, bengisho nje ukuthi asebesemendweni mabafele khona, azikhali divosi-la, mekushona indoda bakhona abafowabo bazowuqinisa umuzi kamfowabo nebhayibheli liyavuma!

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.