UTwitter ne-App entsha edla kancane ama-data

2017-06-29 06:01

INKUNDLA yezokuxhumana eyintandokazi, iTwitter, ibheke ukukhulisa amakhasimende abantu abayisebenzisayo eNingizimu Afrika nge-application entsha ezodla kancane ama-data.

Engxoxweni ekhethekile neFin24, uMqondisi ophezulu wale nkundla yezokuxhumana, uBarry Collins, uthe le nkampani iqaphele ukukhula okukhulu kokusetshenziswa kwale nkundla eNingizimu Afrika, futhi ujabule kakhulu ngokwethulwa kwalobu buchwepheshe obuzokonga ama-data.

“ITwitter Lite ngokucacile iyisixazululo esikhulu ezingxenyeni eziningi ze-Afrika namhlanje. Ngesikhathi sibona ukusetshenziswa okuqinile kweTwitter ngama-smartphone eNingizimu Afrika, sithemba ukuthi iningi labantu abasha abayisebenzisayo lizosebenzisa iTwitter Lite ngaphambi kokuba lithuthele ekuzizwiseni okuphelele njengoba ubuchwepheshe obuningi obusezingeni eliphezulu butholakala kubona,” uCollins usho kanjalo.

Ukwethulwa kweTwitter Lite kulandela ezinye izinkundla zokuxhumana esezethule ama-applications angadli kakhulu ama-data eNingizimu Afrika ngokukhethekile, kanye ne-Afrika yonkana.

UFacebook uphinde ube ne-application edla kancane kanti noGoogle uphinde ube nobuchwepheshe bokubuka ama-video obungadli kakhulu ama-data.

Izinkundla ezifana noTwitter zikhula ngesivinini, ikakhulukazi uma ngabe kunezimo zenhlekelele.

- Finance24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.