Uyichitha eyemayini umphakathi

2016-11-24 06:02

UMPHAKATHI waseMaygog kwaMadlala usikhahlela ngezinyawo zombili isicelo semayini endaweni yawo.

Emasontweni adlule kwaba nombiko othi kunenkampani efuna ukuvula imayini ye-Lithium kulendawo.

UMnyango weziMbiwa uthintwa ngalamahlebezi emayini waqinisekisa ukuthi ikhona inkampani efake isicelo sokumba kulendawo. Okhulumela uMnyango uAyanda Shezi wathi iNkampani iSalene Technologies yayinikwa imvume yokuthi ihlole amapulazi anezindawo ezine-Lithium.

Emva kwalokhu umphakathi nobukhosi bendawo bubambe imihlangano ngaloludaba. Owokugcina umhlangano ububanjwe ngeSonto mhlaziyi-12 November lapho inkosi yesizwe sakwaMadlala ihlangele nomphakathi okuyilapho kuchithwe khona isicelo salenkampani.

Umthombo oyilunga lomphakathi uthe inkosi nayo ivumelane nawo umphakathi.

“Inkosi ivumelene nathi yathi kuzokwenzeka okufunwa abantu besizwe sayo. Ngalokho ithathe isinqumo sokuthi izoxhumana nabanikazi benkampani kanye nabomnyango ibatshele ukuthi umphakathi awuhambisani nalokhu,” kusho lomthombo.

Uqhubeke wathi umphakathi ubudinwe ugane unwabu njengoba emasontweni adlule abelungu bayo inkamphani bafika mathupha emapulazini ngaphandle kokuthola imvume enkosini nakuwona umphakathi ukuthi bangene bahlole umhlaba.

Umxhumanisi womphakathi uMusa Mseleku uthe ngokwazi kwakhe akukabi bikho nqubekela phambili ngaloludaba.

Uma ebuzwa ngohlangano wangeSonto uthe akanakuphawula njengoba naye wayengeyona inxenye yawo.

UMseleku uthe ngokwazi kwakhe usazoba khona umhlangano ozohlanganisa abemayini nomphakathi lapho umphakathi uzothola ithuba lokuba uzikhulumele mathupha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.