Uzikhulumele owePhumlani Foundation ngezinsolo

2016-05-19 06:00

UPHUMLANI Mzobe ongumsunguli wePhumlaniM Foundation uthe uzizwile izinkulumo nemibhalo kwezokuxhumana ezimsola ngezinto ezithile. UMzobe uthi lezizinkulumo zilwisana nalenhlangano, amalunga ayo kanye nomholi wayo.

Izinkulumo ziqale emva kokuthi uMzobe ebhale kuFacebook ukuthi isicoco somlisa owaphuma uMr Gamalakhe 2016, sidluliselwe kulowo owayephume isibili kulomncintiswano, uSenzo Masemola. Lokhu kwenziwe emva kokuthi owayephume phambili engasabonwa. Ekhuluma ngakho konke ukuqhubekayo uMzobe uthe kuyamkhathaza lokhu okushiwo abantu.

“Kunabantu abanezinkolelo zokuthi abangeneli bakanobuhle uMiss no Mr Gamalakhe baphoqelekile ukuba baye ocansini nabaphathi belomncintiswano ukuze baphume phambili. Sithanda ukwazisa umphakathi ukuthi lokho kungamanga aluhlaza. Amajaji alomncintiswano abantu abanesipiliyoni futhi abalandela imigomo uma sekuya ekuketheni abaphumelelayo,” kusho uMzobe.

Uthe emva kokuthi kuhlungwe abaphume phambili, baye bathathwe bavivinywe, bafundiswe izinyanga ezimbili ukuze bakwazi ukuthuthukisa imiphakathi. Okunye akuphawulile uMzobe ukuthi amajaji akusiwona alana eSayidi futhi ukuze baphumelele, onobuhle baye baphoswe imibuzo okuyiyona ebabeka emathubeni ukuphuma phambili. Kuya ngendlela abaphendule ngayo.

UMzobe uthe kubuhlungu ukuthi labantu abaqhamuka nalezi nkulumo abantu abake bawungenele nabo.

“Sisebenza emphakathini kanti futhi siyazi ukuthi ngezinye izikhathi sizobhekana nezimo ezihlukahlukene, lokho siyakwamukela futhi sizokuphendulela. Siyacela ukuthi uma kukhona okuthize umuntu afuna ukukusho noma ukuthola ulwazi ngakho axhumane nefawundeshini, hhayi ukuthi akhulume izinto ezingekho futhi angenazo iziqiniseko ngazo,” kusho uMzobe.

Uthe emva kocwaningo baye bathola ukuthi abantu abaqala izinkulumo abantu abangathokozi ngabo.

Uthe uthanda ukuhoxisa amazwi akhe uma ucwaningo lwakhe lisho amanga.

“Ifawundeshini ayisiyona inhlangano yezepolitiki kanti futhi akusiyo ekahulumeni. Okwenziwayo ukukhulisana njengabantu abasha, sihambele amasonto, izikole sifundisa futhi sigqugquzela intsha ngendlela yokuziphatha, nanokuthi ikwazi ukwenza ikusasa layo liqhakaze,” kusho uMzobe.

UMzobe uthe uyacela emphakathini waseSouth Coast ukuthi uqhubeke uxhase izinhlelo ezithuthukisa imiphakathi. Uthe ikhona nje lento eyenza abantu bangakwazi ukujabulelana okungacina kwena iPort Shepstone ingabi sezingeni. “Sicela umphakathi usihambele njengoba sizoba nomcimbi wokukhatwa kanobuhle omusha mhla zingu 28 kuMay eGamalakhe TVET College.

Lomcimbi uyoqala ngezikhathi zabo 12 emini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.