Ziyashoda izikole zabakhubazekile

2015-11-11 06:00

UMEYA wasoGwini uMama uNtombifikile Gumede uthe kusenegebe elikhulu ngezikole zabakhubazekile Ogwini lulonkana.

Lokhu uGumede ukusho emcimbini wokuklomelisa abasebenza ngokweqile ezikoleni zabakhubazekile obubanjwe eSuid-Natal High School, esinye sezikole esifundisa abakhubazekile noma labo abadinga isineke umabefundiswa.

“Kubona bonke omasipala abakhona la ogwini ziyashoda izikole zabakhubazekile. Ziningi izikole kepha eziningi zazo azinazo izinhlelo noma icurriculum yalabo abathatha kancane,” kusho uGumede

Uthe uma ezibala izikole ezikhona kumasipala ngamunye wathola ukuthi abanye omasipala abanazo.

“Uma uthatha ukubheka eMzumbe, ziningi izikole khona kepha zimbili kuphela eziqondene nabakhubazekile. EHibiscus zintathu, kuMuzwabantu sinye, EVulamehlo zimbili eMdoni sisodwa angazi-ke noma eZinqoleni sikhona yini,” kusho uGumede

UGumede uthe uMnyango wezeMfundo kusamele ulubhekisise loludaba.

“Baningi abantwana abakhubazekile noma abanezidingo eziyisipesheli abahleli emakhaya ngenxa yokuthi abazali abanalo ulwazi lokuthi umuntu okhubazekile unaso isiphiwo noma unalo italente futhi unalo ilungelo lokuthola inqalasizinda yemfundo. Uma umntwana ehluleka ukufunda noma ukubamba ekilasini njengabanye, akusho ukuthi sekuphelile ngaye,’ kusho uGumede.

Uthe kumele zona lezikole eziningi kangaka ezikhona zibenezinhlelo noma amaklasi azokwazi ukuthi athathe lezingane zithole uthisha abazoba nesineke nazo.

Umbuzo obuzwe uMeya owokuthi lezingane kumele zenziwe njani zihlale emakhaya na.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.