Inhlangano inikela ngama unifomu

2015-06-17 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
Abafundi base New Ark Primary abathole ama unifomu anikelwe inhlangano i-Vuna Community Development.
x

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Abafundi base New Ark Primary abathole ama unifomu anikelwe inhlangano i-Vuna Community Development. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

I-VUNA Community Development, inhlangano ezimele yase Hlamondlini, eMandeni, inikele ngama unifomu angama-25 eNew Ark Primary ngeledlule.

Lokhu kwenzeka emva kokuba amalungu ale nhlangano evumelane ukuba iningi lezingane zakulesi sikole zivela emakhaya lapho khona isimo sezimali singesihle.

Usihlalo wale nhlangano, uNkk Thoko Zulu uthe: “Baningi abantwana bakulesi sikole esibone ukuthi baya esikoleni bengagqoke lutho ezinyaweni, abanye babo sathola ukuthi abagqoki i-unifomu ngendlela efanele ingakho sikhethe ukunikela kubafundi bakulesi sikole,” kusho yena.

Uqhube wathi inhlangano yabo yasungulwa ngonyaka ka-2011 ngenhloso yokulekelela umphakathi kanye nezintandane.

UNkk Zulu ubonge uMnyango wezokuThuthukisa Umphakathi (Department of Social Development) ngokuxhasa i-Vuna ngama unifomu.

Uthe: “Sisebenzisana kakhulu nalo mnyango njengoba uke usixhase ngokudla esikuhambisa emakhaya ahluphekile,” kusho uNkk Zulu.

Uqhube wathi njenge nhlangano kuyabathokozisa ukubona abafundi kanye nabazali babo bajabuliswe umnikelo we unifomu.

UThishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Rodney Nhlumayo uthe: “Njenge sikole sijabule kakhulu ngalokhu okwenziwe i-Vuna yenzela abafundi bethu. Sekuneminyaka i-Vuna ilekelela abafundi bethu abavela emakhaya ahlwempu. Njengoba amalungu eVuna ehlala nabo abafundi emphakathini bayakwazi ukuba besheshe bebabone labo abadinga usizo,” kusho uMnuz Nhlumayo.

Uqhube wathi amalungu amaningi alenhlangano abantu abasha, wathi kuyamujabulisa ukubona abantu abasha benza umsebenzi onjena ikakhulukazi njengoba kuyinyanga yabasha.

Uthe: “Iningi lamalungu e-Vuna abantu abasha abangasebenzi abakhethe ukuba kube khona okuhle abakwenzela umphakathi kunokuhlala emakhaya bengenzi lutho,” kusho yena.

Uqhube wathi isikole sifisela i-Vuna ukuba iqhubeke nomsebenzi wayo oncomekayo, wayifisela izibusiso ezivela kuNkulunkulu. UMnuz Nhlumayo uthe uma amalungu e-Vuna ecela ukusebenzisa amaghumbi esikole bakhululekile ukuwasebenzisa umakunezinhlelo abazihlelile.

Uma kukhona onesifiso sokuxhasa le nhlangano engaxhumana noSihlalo uNkk Thoko Zulu enombolweni ethi: 073 769 5238 noma noNobhala uNksz Zodwa Ndabandaba enombolweni ethi: 078 104 1709

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.