Isikole siphenduke inkundla yezimpi

2015-11-04 06:00

KUQUBUKE impi phakathi kwabafundi base Thukela High School ephethe ngokuthi kugwazwe oyedwa umfundi ngoLwesine oledlule.

Lokhu kuvele ngombiko othunyelelwe i-Stanger Weekly ngokhulumela amaphoyisa aseSundumbili uLieutenant Gideon Mthethwa.

Uthe: “NgoLwesine ngomhlaka 29 kuMfumfu (October), kugwazwe umfundi oneminyaka engu-18. Ugwazwe khona ngaphakathi esikoleni egwazwa ilungu leqembu elaziwa ngokuthi amaRazo,” kusho uLt Mthethwa.

Uqhube wathi kubikwa ukuthi lo mfundi ogwaziwe ungumholi weqembu elikhona esikoleni elaziwa ngokuthi amaGroovers.

ULt Mthethwa uthe: “Lo mfundi uphuthunyiswe emtholampilo, watishwa wadedelwa. Icala libikwe eSundumbili SAPS. Umsolwa akakaboshwa kodwa uphenyo luyaqhubeka. Bonke abafundi abathintekayo abangu 16 bamisiwe esikoleni ukuze baqondiswe izigwegwe,” kusho yena.

USekela kaSihlalo womkhandlu wesikole uMnuz Buthelezi uthe: “Kuyiqiniso ukuthi kubekhona impi phakathi kwabafundi kodwa anginayo imininingwane ngalolu daba ngoba nami ngizwe ngalo ngoMsombuluko,” kusho yena.

Uqhube wathi isikole besingenalo ulwazi lokuthi kunamaqembu esikoleni.

Uthe: “Thina besazi ukuthi kukhona izingane ezifundayo ngaphansi komthetho wesikole,” kusho uMnuz Buthelezi.

Uqhube wathi zikhona ezinye izikole ezithintekayo kulesi sigameko kodwa abafundi bakulezi zikole bebepikwe abafundi base Thukela High School.

UMnuz Buthelezi uthe ngoMsombuluko kubekhona umhlangano phakathi kothisha, umkhandlu wesikole kanye namaphoyisa lapho khona kuthathwe isinqumo esithi abafundi abathintekayo kumele bemiswe.

Uthe: “Ngokwazi kwami njenga manje isimo sithule kanti nabafundi bayaqhubeka nokubhala izivivinyo zabo zikamatikuletsheni,” kusho uMnuz Buthelezi.

ULt Mthethwa uthe uThukela High School esinye sezikole esidala kakhulu elokishini laseSundumbili, eMandeni, nebesihlonishwa kakhulu ngemiphumela yaso emihle.

Uthe lempi iqubuke phakathi kwamaqembu amabili akhona ngaphakathi esikoleni. Elinye lizibiza “ngamaRazo” kanti elinye lizibiza “ngamaGroovers”.

Uthe: “Omabili angamaqembu omdanso ngokusho kwawo. Lamaqembu ayaqhudelana uma sesiphumile isikole ukuthi ngubani othenga kakhulu utshwala nokuthi iliphi eliqonywa kakhulu,” kusho uLt Mthethwa.

Uqhube wathi isigameko salolu hlobo asiqali ukwenzeka kulesi sikole. Uthe ngomhlaka 26 kuMfumfu kukhona omunye umfundi wakwa grade 10 wase Thukela High School ongumholi wamaRazo owagwazwa emhlane yiqembu lamaGroovers selihlangene nabafundi bakwesinye isikole.

ULt Mthethwa uthe: “Waphuthunyiswa emtholampilo waseSundumbili wafike watishwa, khona ngalolo suku wadedelwa. Icala lavulwa eSundumbili SAPS kanti akukaboshwa muntu.

UThishomkhulu waseThukela High School uMnuz Mhlongo uthe ngoLwesibili bekungekho lutho esikoleni abafundi bebhala ngokuthula izivivinyo zabo zikamatikuletsheni.

Uthe: “Omabili angamaqembu omdanso ngokusho kwawo. Lamaqembu ayaqhudelana uma sesiphumile isikole ukuthi ngubani othenga kakhulu utshwala nokuthi iliphi iqembu eliqonywa kakhulu,” kusho okhulumela amaphoyisa aseSundumbili uLt Gideon Mthethwa

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Convicted cop killer 'sorry'

2016-09-29 05:44

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.