Abeneme ngelomhlaba

2017-08-16 06:03

Nkosinathi Dube

Iqeqebana lentsha  ehlobeni nesibongo sakwaZwelabantu Dube seliveze ukunganeliseki ngendaba yokwabiwa komhlaba wabo  bafuna nokuthi uhulumeni angenele kumhlangano ab ebebenawo ngesonto eledlule eThembeni.

Loludaba lomhlaba wakwaDube  seludonse iminyaka kulokhu kubanjwa  imihlangano nomphakathi , abanikazi kanye nosomabhizinisi abawuqashile. Umhlaba waKwaDube uklaya kusuka eBlythedale kuze koshaya eMhlali nolinganiselwa ezigidini ngezigidi.

Abazibiza ngeLand for Africans Group, okuyintsha  yakulendawo  ngokomkhulumeli wayo uMnu Thobani Mbambo, bathe kunabathile ababandakanya nosomabhizinisi abaqavile abafuna ukuqola nokuntshontsha umhaba kubanikazi bawo.

“Sifuna umhlaba uphindiselwe kubanikazi yingakho sinxusa ukuba uhulumeni angenelelele   kuloludaba njengoba umphakathi ungahlomuli ekucazweni komhlaba wabo,” kubeka uMbambo.

IkwaDube Trust ebhekelela ukucazwa kwalomhlaba iholwa inkosi yaKwaDube   osekuvele ukuthi kusayindlazana  yomhlaba ongakuyo njengoba ingxenye enye enkulu isaphethwe ngasese. AbeCPA sebethole ukugxekwa nabo njengoba kusolakala ukuthi bahlangene nosomabhizinisi odumile umnu Patrick Sokhela ngokungahambisi ngendlela kuloludaba njengoba sekube khona imisebenzi eminingi emphakathini kodwa yangahlomulisa abantu.

Okucasula  umphakathi ukuthi baklayelwa incosana kumhlaba wabo nabakubona kungukuqolwa emini bebhekile.

“Sifisa nokusho ukuthi malihlakazwe ikomidi  kube nophenyo oluthinta ezezimali, siyaphinda siyamxhusa futhi uhumulumeni ukuthi angenelele, sifisa kungenelele uNgqongqoshe kazwelonke wezemihlaba uMnu Gugile Nkwinti ukuze kuvele iqiniso lalomhlaba ngoba singabantu abasha asithokozile ngodaba lwalo mhlaba wakwaDube,” kuqhuba uMbambo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.