Amaphoyisa azimisele ngokunciphisa ubugebengu

2015-12-16 06:00

AMAPHOYISA aKwaDukuza azobe egcwele ngobuningi awo edolobheni kusukela ngoLwesibili, ngomhlaka 15 kuZibandlela (December).

U-Colonel Mdumiseni Nene uthe inhloso yokuthi amaphoyisa akhuphule isibalo sawo enkabeni yedolobha ukuzama ukunciphisa izinga lobugebengu ngesikhathi sama holide.

Uthe idolobha laKwaDukuza indawo esetshenziswa ngabantu abaningi abasuke befuna amatekisi ahambela izindawo ezahlukahlukene.

Uthe: “Abantu abaningi basebenzisa idolobha laKwaDukuza ukuze bezothola amatekisi. Laba bantu babasengozini yokuba izisulu zobugebengu njengoba izigilamkhuba zisuke ziphume ziningi ngesikhathi sama holide. Baningi abantu ababanjwa inkunzi ngesikhathi sama holide yingakho sifuna ukugcwala edolobheni singamaphoyisa,” kusho yena.

Uqhube wathi amaphoyisa azosebenzisana kakhulu nezikampani zokuphepha ngehloso yokunciphisa izinga lobugebengu edolobheni laKwaDukuza.

U-Colonel Nene uthe ezinye izindawo amaphoyisa azosebenzela kuzona kakhulu kulama holide amabhishi aseBlythedale naseZinkwazi. Uthe amaphoyisa azobe ekhona kulamabhishi emini nasebusuku.

Uqhube wathi naseThembeni kanye naseNtshawini amaphoyisa azobe esebenzela khona kakhulu.

Uthe: “Amaphoyisa aKwaDukuza azophinde asebenzise imiyalelo ephuma ehhovisi lesifundazwe ukunciphisa izinga lobugebengu KwaDukuza. Kuzoba nezivimbamgwaqo ukuze sizo kwazi ukubamba labo abazobe bephethe izikhali ezingekho emthethweni kanye nalabo abazobe beshayela izimoto bephuze utshwala,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane uthe onke amaphoyisa asesifundazweni azobe ephume ngobuningi awo ukuqikelela ukuthi imphakathi iphephile kulesi sikhathi sama holide.

Uthe: “Amaphoyisa azosebenza kanzima ukuthungatha bonke abasolwa futhi bonke abaphula umthetho bazo boshwa,” kusho uMajor Zwane.

Uthe onke amaphoyisa azothula imkhankaso eyahlukahlukene njenge Operation Fiela kanye nezivimbamgwaqo ukunciphisa ubugebengu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.