Baxwayise abantu abasha ngezidakamizwa

2016-07-27 06:00
x Isithombe: Sithunyelwe

x Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ezimele Izwi Lothando Home and Community Based Services ighubhe usuku lokuzalwa lika lowo owaye ngumongameli wakuleli uDokotela Nelson Mandela ngokuthi ihlanganyele nolusha olusebenzisa izidakamizwa ngenhloso yokubalekelela ukuthi bekwazi ukuziyeka.

USihlalo wale nhlangano uMnuz Phila Zulu uthe bekuyindlela yokuthi le nhlangano ibuyisele emphakathini.

Uthe: “Besihlangene nabafundi baseMavivane Primary School, Mbozamo Primary School kanye nabasEtshelenkosi High School abathole iziyalo ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa,” kusho uMnuz Zulu.

Uqhube wathi inhlangano imeme abase Newlands Park Rehabilitation Centre abayale abantu abasha abasebenzisa izidakamizwa, baxwayisa nalabo abangakaqali ukuzi sebenzisa ukuthi bezigweme.

UMnuz Zulu uthe: “Lo mcimbi wethu ubusingathwe ihhovisi lemeya yaKwaDukuza okusijabulise kakhulu. Umcimbi wethu ubungomhlaka 18 kuNtulikazi (July) eShakaville,” kusho yena.

Uqhube wathi enye inhloso yalo mcimbi bekungukuthi kwaziswe laba abasebenzisa izidakamizwa ukuthi bayathandwa kanti futhi ikhona nendlela yokuthi beziyeke izidakamizwa.

Obephuma kwi-Newlands Park Rehabilitation Centre, uMnuz Rishi Hiraman ufundise abantu abasha ngezindlela ezahlukahlukene umuntu agcine ejovwe izidakamizwa.

Uthe: “Izidakamizwa zinomthelela omubi empilweni yomuntu. Into yokuqala okumele uyenze umu usufisa ukuyeka ukuzi sebenzisa kumele uvume ukuthi unenkinga edinga ukulungiswa, okulandela lapho ukuthola usizo kubantu abaqeqeshiwe ukuthi belekelele abantu abasebenzisa izidakamizwa,” kusho uMnuz Hiraman.

Uqhube ngokuthi achazele abantu abasha ukuthi kumele belandele yiphi imigomo ukuze bezothola usizo olufanelekile kanti futhi uthe i-Newlands Park Rehabilitation Centre izosebenza ngokubambisana nenhlangano kaMnuz Zulu ukuze ulusha lwaKwaDukuza olusebenzisa izidakamizwa luzothola usizo.

UMnuz Zulu uthe: “Into eyenze ukuthi simeme abafundi kulo mcimbi yikuthi esikhathini esiningi abantu baqala ukusebenzisa izidakamizwa ngenkathi besafunda isikole,yingakho besifisa ukuxwayisa abafundi ngezidakamizwa, futhi sibagqugquzele ukuthi beqhubeke nokunaka imfundo yabo,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.