IMeya yaseMandeni igqugquzele abafundi

2017-04-05 06:04
ISITHOMBE: SithunyelweIMeya yasemandeni uMnu. Siphesihle Zulu nothisha kanye nabafundi basesikoleni uDUMO HIGH SCHOOL.

ISITHOMBE: SithunyelweIMeya yasemandeni uMnu. Siphesihle Zulu nothisha kanye nabafundi basesikoleni uDUMO HIGH SCHOOL.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA yaseMandeni uMnu. Siphesihle Zulu uvakashele izikole zasendaweni ngeledlule kumkhankaso wokuhlanza indawo ezungeze lemphakathi.

Lomkhankaso uqale esikoleni iKhayalemfundo Lower Primary waphetha esikoleni samabanga aphakeme uDumo lapho iMeya eyaphothula khona umatikuletsheni .

UMnu. Zulu uthe lomkhankaso ubuhambisana nohlelo lwamakhansela aseMandeni anqume ukuvakashela izikole afunda kuzona ukuyo gqugquzela abafundi ukuthi besebenze ngokuzikhandla emsebenzini wabo wesikole.

IMeya ithe: “Kuyadumuza ukubona indlela elehle ngayo izinga lemfundo esifundeni iLembe, yingakho nginxusa othisha kanye nabafundi ukuba kumele besebenze ngokuzikhandla, abafundi bona kumele bezimisele kusukela kwa-grade 8.
“Umasipala waseMandeni uzibophezele ekutheni weseke abafundi bendawo ngemifundaze,” kusho uMnu. Zulu.

Uqhube ngokunxusa abafundi ukuba bebukele kwisibonelo sikaNksz Sindiswa Khuzwayo owaphasa ngamalengiso umatikuletsheni wakhe ngonyaka ka-2015 owayefunda khona esikoleni uDumo High School.

Kumanje uNksz Khuzwayo wenza izifundo zokuba udokotela eNyuvesi yase Cape Town (UCT).

UMnu. Zulu wexwayise abafundi ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa kanye nokwenza ucansi olungaphephile ngoba lezizinto zingaphazamisa ukufunda kwabo.

Uthe: “Njengabafundi akusiwona umsebenzi wenu ukuthola izingane, kanti kulabo abasebenzisa izidakamizwa kumele bekwazi ukuthi isikole akusiyona indawo yokwenza izinto zaloluhlobo, kumele nigxile emsebenzini wenu wesikole kuphela. Ngesonto elizayo kuzofika abantu abangu 14 la esikoleni senu abazonilekelela ngezifundo zenu ukuze nizothola imiphumela emihle,” kusho uMnu. Zulu.

Uqhube ngokumemezela ukuthi kunyaka wezimali olandelayo umasipala waseMandeni uzoqasha umuntu ozonikeza abafundi bendawo izeluleko mayelana nezifundo abangazenza emuva kukamatikuletsheni kanye namathuba emisebenzi ekhona.

UMnu. Zulu uthe: “Lomuntu uzosebenzisana namakolishi ase-uMfolozi TVET kanye neSithebe Industrial Park ukuthola ukuthi yiziphi izifundo kanye namakhono adingekanyo njenga manje,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
Travel Dreams? Where would you rather be right now?

Partnered: Whether you're missing family overseas, dreaming of family adventures or romantic hideaways we all have that one place we'd rather be right now - but have you thought about the best way to get there?

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.