Inhlangano ehlose ukusiza abantu abasha

2017-02-08 06:01
 Isithombe: SithunyelweInhlangano engenzi nzuzo Uguquko Youth Club ivakashele i-Lubisana kanye ne-Ashiville Primary School lapho efike yenikela ngezicathulo zesikole kubafundi abahlwempu.

Isithombe: SithunyelweInhlangano engenzi nzuzo Uguquko Youth Club ivakashele i-Lubisana kanye ne-Ashiville Primary School lapho efike yenikela ngezicathulo zesikole kubafundi abahlwempu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UGUQUKO Youth Club, inhlangano engenzi nzuzo ezinze ku-ward 25 e-Doringkop, esebenzela endaweni yaKwaDukuza namaphethelo, ivakashele i-Lubisana Primary School ngoLwesibili oledlule, ngomhla ka-31 kuMasingana (January), lapho efike yanikela ngezicathulo zesikole kubafundi abahlwempu abayi-10.

Le nhlangano iphinde yavakashela i-Ashville Primary School lapho nakhona efike yanikela ngezicathulo zesikole kubafundi abayi-10.

Usihlalo wale nhlangano, uMnu. Vuyani Mathonsi uthe le nhlangano yasungulwa ngo-2014 ngenhloso yokusiza abantu abasha nokuthuthukisa umphakathi waKwaDukuza.

Uthe: “Sisebenza ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMasipala waKwaDukuza kanye nekhansela lendawo uMnu. SMR Mfeka. Ngokubambisana nezinhlaka zikahulumeni sizama ukulwa nezidakamizwa, ukupha ulwazi ngezemfundo ephakeme, ukuvukuza amakhono, ukulekelela kwezemidlalo nokuqwashisa ngeNgculazi nophuzo oludakayo nokunye okuningi okuxaka abantu abasha,” kusho yena.

Ekhuluma ngezinhlelo nangomsebenzi osuwenziwe yile nhlangano ngaphambilini, uMnu. Mathonsi uthe ngaphansi kokuthuthukiswa kwamakhono, le nhlangano imbambisane noMnu. Mfeka, noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ithathe abantu abasha abangama-70 endaweni yase-Doringkop yabanikeza ithuba lokufunda mahhala ngemithetho yomgwaqo kanye nokushayela imoto.

Uthe: “Sikhuluma nje abangama-30 abantu abasha abafunde ngaphansi kwaloluhlelo sebekulungele ukuyovivinywa ukubona ukuthi bayiqonda kahle imithetho yomgwaqo noma bayanikezwa igunya lokushayela imoto emgwaqeni. Konke lokhu inhlangano yethu ikwenze ngoxhaso lwemali eyithole kuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi,” kusho uMnu. Mathonsi.

Uqhube wathi le nhlangano ibambisane nokhansela, umasipala, uMnu. Ngcobo kanye nabanye abaxhasi ibenemidlalo ngonyaka ofile, enyangeni uZibandlela (December) lapho ebiqwashisa ngophuzo ngezikhathi zamaholide. Uthe lemidlalo ibihlanganise ama-ward ahlukene endawo.

UMnu. Mathonsi uthe le nhlangano yaqala i-Social Soccer League e-Doringkop ku-ward 25 kanye naku-ward 1 ehlanganisa abafana abadlala ibhola ngemigqibelo ngenhloso yokubathuthukisa.

Uthe: “Sinxusa bonke abangakwazi ukunikela benze njalo ukuze lezingane ezingama-70 ezifundela ama-learner’s zizokwazi ukuqhubeka zize zithole izincwadi ezibagunyazi ukuthi beshayele imoto,” kusho yena.

Usihlalo uthe le nhlangano isiqale ama-co-operatives ayisihlanu asetshenzwa yintsha engasebenzi.

Abantu abafisa ukuxhumana nale nhlangano bengathinta usihlalo wayo uMnu. Viyani Mathonsi enombolweni 084 589 1222 noma kwi-email ethi uguqukoyouthclub@gmail.com.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Pack theory: fact or fiction?

Do you need to be the "alpha" to have an obedient dog?

 
 

Paws

Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead
SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Does your dog have separation anxiety?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.