Inhlokomo oNgqongqoshe bephendula amasoyi eMandeni

2016-08-03 06:00
USekela Meya waseMandeni uNkk Phindile Sishi, uMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu, uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mxolisi Kaunda, uNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNkk Weziwe Thusi uSomlomo waseMandeni uNkk Makhosazane Zungu kanye noSekela Meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu kuphendulwa isoyi eMandeni ngeledlule. x

USekela Meya waseMandeni uNkk Phindile Sishi, uMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu, uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mxolisi Kaunda, uNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNkk Weziwe Thusi uSomlomo waseMandeni uNkk Makhosazane Zungu kanye noSekela Meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu kuphendulwa isoyi eMandeni ngeledlule. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUQHUME umkikizo nenhlokomo ehholo lomphakathi iSibusisiwe ngeledlule mhlazi ngamashumi amabili nesithupha kuNtulikazi (July) eMandeni, lokhu kulandela ukutheleka koNgqongqoshe ababili okunguNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mxolisi Kaunda, kanye noNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNkk Weziwe Thusi ngenhloso yokuzohlaba amasoyi nokuwuhlelo lokuqhubekela phambili nokuhanjiswa kwentuthuko, nezidingongqangi kubantu baseMandeni.

Ethula inkulumo yakhe yokuvula uMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu, phambi kwabantu ababalelwa ezinkulungwaneni eziyisihlanu ebebephume ngobuningi babo bezobungaza ukufika koNgqongqoshe, uthe: “Inhloso enkulu ngalombuthwano ukuzoba yingxenye yokuphendulwa kwesoyi lomgwaqo owaziwa ngo P415, nokubikwa ukuthi uzodla inani lemali ezigidi ezingamashumi amane nanhlanu (R45 million), nokuvulwa ngokusemthethweni kwamahhovisi amasha oMnyango wezeNhlalakahle atholakala ngemuva kwezitolo zaseSundumbili Plaza nokubikwa ukuthi akhiwe ngenani lemali ezigidi eziyishumi nesishiyagalolunye (R19 million),” kusho yena.

UMeya uphinde wathi ukulungiswa komgwaqo uP415 kuzoba wusizo olukhulu kubantu baseMandeni wathi kuzophinde kusizakale abantu abahlala eTugela Mouth njengalokhu kuzobalula ukufinyelela edolobheni laseMandeni.

UMnuz Zulu uthe: “Lomgwaqo uzophinde usize njengoba kuhlongozwa ukukwakhiwa kwesibhedlela, inkundla yokudlala igalofu, kanye nehhotela maduzane nalomgwaqo futhi ngalokho kuzodaleka amathuba omsebenzi kubahlali balendawo kuphinde kubelula ukufinyelela kulezingqalasizinda ngenxa yalomgwaqo” usho kanje.

Ngakolunye uhlangothi ubuye wancoma ukuvulwa ngokusemthethweni kwamahhovisi amasha ezeNhlalakahle wathi umphakathi waseMandeni namaphethelo uzohlomula kakhulu njengoba lamahhovisi esezingeni eliphezulu futhi ebukeka ezokwazi ukumumatha umthamo wabantu abaningi.

Esephetha uMeya ubesenxusa uNgqongqoshe wezokuThutha ukuba izinto zabo ezifana nemishini nogandaganda bakubeke ndaweni yinye naleyo uMasipala obeka khona imishini yawo (Technical Services Office) ukuze kuyiwe kanyekanye ebantwini ngoba akuqhudelwana ngokuhambisa intuthuko kubantu.

Uthe: “Ngiyanxusa nakuNgqongqoshe wezeNhlalakahle ukuba eduze kwalamahhovisi amasha kuphinde kwakhiwe namahhovisi akwa SASSA ukuze abantu abasuka kude bagibele imoto eyodwa uma beza emahhovisi akwa SASSA nawezeNhlalakahle,” kusho uMeya.

Ethula inkulumo uNgqongqoshe wezokuThutha uMnz Kaunda uthe uyakujabulela ukubona abantu bephume ngobuningi babo bezohlangabeza intuthuko wathi ukwakhiwa kuka P415 kuzokwenza umehluko ezimpilweni zabantu, waphinde wanxusa abantu ukuba bangathi uma bedinwe yizinto ezithile bese beshisa imigwaqo nokunye wathi lokho kubuyisela intuthuko, noHulumeni emuva.

Eqhuba uMnuz Kaunda uhlabe ikhwelo wakhuza labo abanesandla ekubulaweni kwamakhansela, kanye nalabo abaqokelwe izikhundla zamakhansela ezweni lonkana wathi lokhu kuxosha abatshali zimali. Ngaphambi kokuba ahlale phansi uNgqongqoshe uveze ukuthi akagcinile lapha eMandeni ngokuhlaba amasoyi njengoba behambe benza into eyodwa ko Utrecht, Danhauser, Msinga kanye naseXopo.

UMnuz Kaunda uthe: “Ukwakhiwa kwalomgwaqo kuzophinde kuhlomulise nosomabhizinisi abancane njengalokhu nabo bezowuthola umsebenzi ongamaphesenti angamashumi amathathu (30%), ekwakhiweni kuka P415, kuzophinde kudaleke amathuba omsebenzi angamaphesenti angamashumi ayisithupha ( 60%) kubantu bendawo”usho kanje.

UNkk Weziwe Thusi uthe ukwakhiwa kwamahhovisi amasha kuzoxazulula ezintweni eziningi wathi ekuqaleni bekusetshenzwa ngoSonhlalakahle abayishumi nomuvo, wathi kodwa ngenxa yalamahhovisi sizokwanda isibalo soSonhlalakahle.

Uthe: “Lolu wusuku olubalulekile kinina bantu baseMandeni njengoba nizothola umvuzo kubaholi benu enibethembayo enanibathumile, futhi kufanele niwushayele ihlombe uHulumeni kaMnuz Jacob Zuma ngoba ngezikhathi zobandlululo kwakungamaNdiya nabamhlophe kuphela ababethola imali yesibonelelo sikaHulumeni, kodwa namhlanje sonke siyayithola imali yesibonelelo.” Kusho uNkk Thusi.

Kanti esephetha uqinise uMeya idolo wathi bazokwenza ngokusemandleni ukuthi amahhovisi akwaSASSA ayatholakala eduze kwawezeNhlalakahle.
Sithanda ukumema abafundi baleli phephandaba iStanger Weekly ukuba basibhalele ngokwenzakalayo ezindaweni abahlala kuzo.
Uma kukhona udaba othanda silushicilele sithumele sona kwi-email ethi: makhosandile.zulu@media24.com noma uxhumane nathi enombolweni ethi 032 552 3363.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.