Inkabi igwetshe odilikajele abane

2016-07-06 06:00

UMNUZ Sizwe Ngubane, oneminyaka engu-35, ugwetshwe odilikajele abane kanye neminyaka engu-40 ngaphezulu yinkantolo ephakeme yaseThekwini ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala osomatekisi nonogada emgwaqeni u-R74 ngonyaka odlule.

UNgqongqoshe wezokuThutha, nokuPhepha koMphakathi nezokuXhumana uMnuz Mxolisi Kaunda uthe uyasamukela lesi sigwebo.

Uthe uMnuz Ngubane ulahlwe amacala amane okubulala kanye nayisishiyagalombili okuzama ukubulala.

Ngonyaka odlule enyangeni kuMasingana (January) kwabulawa onogada nosomatekisi bakwaMaphumulo emgwaqeni u-R74.

Umsolwa waboshwa oSindisweni kiliniki, endaweni yaseNdwedwe ngelanga lesigameko emuva kokuthi elimale emuva kwesigameko sokuphendulana ngezinhlamvu.

UMnuz Kaunda uthe kusolwa ukuthi lesi sigameko sabangwa yinxabano phakathi kwezinhlangano zamatekisi akwaMaphumulo nawaKwaDukuza.

Ekhuluma ngesigwebo, uthe sizoba yisibonelo kulabo abathinteka kudlame lwamatekisi ukuthi ingalo yomthetho izoba qondisa izigwegwe.

Uthe: “Sifisa ukubonga amalungu amaphoyisa abephenya lelicala futhi sifisa ukubagqugquzela ukuba baqhubeke nokuphenya amanye amacala athinta lezi zinhlangano zombili,” kusho uNgqongqoshe.

Uqhube ngokubonga abaholi balezi zinhlangano abalekelela amaphoyisa ngokuphenya lelicala.

UMnuz Kaunda uthe: “Njengo hulumeni sizoqhubeka nokusebenzisana nezinhlangano zamatekisi kanye nobuholi beSANTACO ukuqinisekisa ukuthi siyaqeda ngezinkabi ezibulala osomatekisi, futhi sizoqikelela ukuthi ziyaboshwa. Siphelile isikhathi sokuthi izinkinga zasematekisini zilungiswe ngesibhamu. Sonke kumele samukele ukuxoxisana okunokuthula ukuze sizoxazulula izinkinga ezikhona. Sizimisele ekutheni imboni yamatekisi ibanokuthula,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.