Isihluku kubulawa isalukazi nendodana yaso eNdwendwe

2016-09-21 06:00

IZAKHAMUZI zisale zishaqekile ngokubulawa kwesalukazi nendodana yaso abadutshulwe besekhaya labo eNsuze, ngaseNdwedwe, enyakatho neKwaZulu-Natal.

UNtombizaneni, 66, nendodana yakhe uThemba Luthuli, 46, bangqoklozwe ngenhlamvu abantu abangaziwa ngoLwesihlanu.

Isihlobo, 20, sithi besisendlini encane engaphandle ngesikhathi sizwa ukuqhuma kwesibhamu.

“Ngizwe isibhamu siqhuma kathathu, ngithe uma ngiphuma endlini encane ngabona amadoda amabili ebaleka ephuma endlini,” esho.

“Ngithuke ngoma sengingena endlini ngabona isidumbu sikagogo nesikamalume. Ngibe sengimemeza omakhelwane ngicela usizo.”

Omakhelwane basola ukuthi lesi sigameko simayelana nombango okhona emndenini ngalo muzi.

“Kukaningi ugogo eza kithi ekhala izinyembezi ethi kukhona abafuna ukumphuca umuzi wakhe,” kusho umakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Shooz Magudulela uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, wathi bekungakaboshwa muntu.

NgoLwesibili, ngomhlaka 20 kuMandulo (September), okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala ukhiphe umbiko othi umsolwa oneminyaka engu-37 uboshwe endaweni yase Ashdown, eMgungundlovu, ngalo uLwesibili.
Uthe: “Umsolwa uzovela enkantolo yaseNsuze ngoLwesithathu, ngomhlaka 21 kuMandulo, ngamacala amabili okubulala. Kulindeleke ukuthi kuzo boshwa abanye abasolwa njengoba amaphoyisa eqhubeka nophenyo,” kusho uGwala.
- Daily Sun/News24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.