Kuboshwe abathathu

2017-05-03 06:01

UMPHATHI wesiteshi saseNsuze, uKaputeni Jabulani Ndawonde, elekelelwa i-Provincial Crime Intelligence, Tracing Team, KwaDukuza Task Team kanye ne Umhlali K9 Unit ulandele umkhondo wabekade besolelwa ukuhlupha umphakathi waseNsuze.

Lokhu kuvele ngombiko othunyelwe abezindaba ngokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKaputeni Nqobile Gwala. Uthe umsolwa wokuqala, oneminyaka engu-24, uboshwe endaweni yakwaNgcongangconga ngoLwesithathu oledlule, ngomhla ka-19 kuMbasa (April), lapho abekade ecashe khona. Uthe ngoLwesine oledlule, lelithimba liqhubekele eCato Manor lifuna omunye umsolwa.

Uthe: “Umsolwa oneminyaka engu-34 okunguyena obengungqondongqondo ekubulaweni kwabantu abamsulwa endaweni yaseNsuze, uboshwe eCato Manor. Utholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eziyisihlanu,” kusho uKaputeni Gwala.

Uqhube wathi lelithimba liqhubeke nophenyo lwalo oluphethe ngokuthi kuboshwe umsolwa wesithathu ngoLwesine ebusuku kwaNgcongangconga. Uthe lo msolwa oneminyaka engu-19 uboshwe ekhaya lakhe.

Uthe: “Isigameko sokuqala senzeka ngomhla ka-9 kuMbasa lapho khona umshayeli weveni owayephuma emcimbini endaweni yakwaMgeyane, kwaNgcongangconga, wamisa imoto ngoba efuna ukuyalelwa ngendlela eya eBhamshela. Abasolwa badubula umshayeli kanye nomgibeli oyedwa. Ngomhla ka-16 kuMbasa, kusolakala ukuthi kwadutshulwa abantu abathathu bashona endaweni yakwaNgcongangconga. Kuvulwe amacala amathathu okubulala emaphoyiseni aseNsuze. Imbangela yokubulala kuzona zombili lezizigameko ayikaziwa. Kusolakala ukuthi abasolelwa lamacala yibona abekade behlukumeza umphakathi waseNsuze,” kusho uKaputeni Gwala.

Uqhube wathi kulindeleke ukuthi abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo ngoMsombuluko, ngomhla ka24 kuMbasa.

Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Major General Bheki Langa uthe: “Kuyasithokozisa ukuthi umphakathi waseNsuze usuzophila ngokuthula ungabi nakho ukwesaba,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.