Kudutshulwe ingane eHlomendlini

2017-03-22 06:04

INGANE yentombazane eneminyaka engu-10 idutshulwe yashona ngeledlule ngenkathi abasolwa ababili bezama ukuphanga behlomile esitolo esiseHlomendlini.

Okhulumela amaphoyisa aseNewark, uMnu. Malusi Ngubane uthe Lesigameko senzeke ngoLwesithathu oledlule ngabo 7:30pm.

Uthe: “Abasolwa bafike esitolo bezothenga ugwayi, ngenkathi oyedwa umsolwa amukela ugwayi kumnikazi wesitolo, umsolwa ubambe isandla sikamnikazi wesitolo wamuphuca umakhalekhukhwini. Kodwa umnikazi wesitolo ukwazile ukuphunyuka wabesephuthuma ukuyovala umnyango. Ingane idubuleke emuva kwalesigameko,” kusho uMnu. Ngubane.

Uqhube wathi umnikazi wesitolo, owongokuhamba, uqashe isakhiwo sesitolo emndenini wengane edubulekile.

Ikhansela laseHlomendlini, uMnu. Sipho Magwaza uthe ufonelwe yilungu lomndeni wengane edubulekile licela ukuba alekelele njengoba besekuvele lesehlakalo.

Uthe: “Umndeni wesisulu ungitshele ukuthi uyise wesisulu uqale walwisana nabo abasolwa ngaphambi kokuba kudubuleke ingane ngenkathi abasolwa sebethi bayabaleka. Ingane iphuthunyiswe yimina emtholampilo waseSundumbili. Udokotela kanye nabosizo lokuqala bafikile emtholampilo. Abosizo lokuqala bathe angeke bekwazi ukuthutha isisulu besise esibhedlela ngenxa yesimo ebesikusona, bebephoqelekile ukuba bezame ukuyi stabiliser kuqala ingane. Bazame amahora amane ukuba beyi-stabilise ingane kodwa ngeshwa yadlula emhlabeni,” kusho ikhansela.

Uqhube wathi izinga lobugebengu endaweni yaseHlomendlini selikhuphuke kakhulu kanti imbangela yalokhu kungaba ukuthi kunesiteshi samaphoyisa esisodwa kule ndawo kanti sibhekene nokusebenzela indawo enkulu, ehlala abantu abaningi kodwa sibe singenawo amaphoyisa anele kanye nezinsiza kusebenza ezanele.

Uthe: “Ukugcwala kwezibhamu ezingekho emthethweni nakho kunomthelela ekutheni izinga lobugebengu likhuphuke kanje eHlomendlini. Enye into eyinkinga futhi enomthelela ongemuhle ukuthi iningi labantu abasha abahlala eHlomendlini abanayo imsebenzi,” kusho uMnu. Magwaza.

Unxuse ubuholi bamaphoyisa ukuba buyicabangisise kahle indaba yokwakhiwa kwesiteshi esisha eHlomendlini.

Uthe ubuholi bendawo buzama ngayo yonke indlela ukwethula izinhlelo ezizokwakha ubumbano emphakathini waseHlomendlini ukuze kuzoba khona ukuthula kule ndawo.

Usihlalo wophiko lwabasha lwe-ANC eHlomendlini, uMnu. Nie Ntuli uthe umphakathi wakule ndawo udinwe ungana unwabu ngalesigameko.

Uthe: “Okusiphatha kabi kakhulu siyi-ANCYL ilento yokuba nesiteshi esiqhelelene nomphakathi. Umphakathi usukhalaze kaningi ngalesiteshi esingekho ebantwini. Nangonyaka odlule i-ANCYL yaze yahola imashi yomphakathi eyayikhalaza ngaso lesiteshi esiphinde sivalwe ebusuku, umphakathi awuphephile neze. Enye into eyayicelwe umphakathi ukuthi nanoma kungaba khona isiteshi esi-mobile la ngaphakathi kusalindwe ukuthi kwakhiwe isiteshi esisha,” kusho uMnu. Ntuli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

Embracing sustainability in tobacco agriculture

In Sub-Saharan Africa, farming represents a subsistence lifestyle for millions of people. In recent years though, the development of farming into an economic activity has made a real change in how the land is used in providing for the population.

/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.