Kugwazwe abafundi abathathu esikoleni Ukukhanyakwezwe

2015-11-11 06:01

AMAPHOYISA akwaMaphamulo aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza emuva kokuba kube nesigameko sokugwazwa kwabafundi esikoleni Ukukhanyakwezwe High School ngeledlule.

Kusolwa ukuthi kugwazwe abafundi abathathu ngenkathi kuqubuka impi phakathi kwabafundi bakwa grade 11, 10, 9 kanye no-8 ngoLwesithathu oledlule.

Ekhuluma ngalabo abagwaziwe, okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uMajor Thulani Zwane uthe: “Baphuthunyiswe esibhedlela abagwaziwe. Kuboshwe umsolwa oyedwa oneminyaka engu-19. Kulindeleke ukuba avele enkantolo maduzane,” kusho yena.

Uthishomkhulu wesikole, uNkk Makhungu unqabile ukuphendula imibuzo yentatheli yase Stanger Weekly.

IPhini leMeya yakwaMaphumulo, eliphinde libe ikhansela lendawo lapho okwakhiwe khona lesi sikole, uMnuz Phumlani Mbonambi uthe noma abafundi benalo uvalo njengoba abanye abasolwa ukuthi bayathinteka kulesi sigameko besagcwele izinkalo, kodwa isimo besiqoqekile ngoLwesibili ekuseni abafundi beqhubeka nezivivinyo.

Uqhube wathi abafundi abagwazwe kulesi sigameko basase sibhedlela.

UMnuz Mbonambi uthe kusamele kuhlanganwe nabaholi bomdabu ukuze kuzoxoxiswana ngokuthi izimpi zangaphandle akumele zikapakele emagcekeni esikole.

Ngokusho kuka Mnuz Mbonambi, isigameko salolu hlobo asiqali njengoba kwaze kwaba khona imikhankaso yokuqwashisa amalungu omphakathi ngobungozi kwezimpi zezigodi.

Uthe: “Uma izimpi zalolu hlobo ziqhubeka kusho ukuthi lesi sikole sizovalwa okusho ukuthi ikusasa lezi ngane zethu lizoshabalala. Kumele abazali bedlale indima ekuqikeleleni ukuthi izingane zabo ziya esikoleni ukuyofunda,” kusho uMnuz Mbonambi.

Lesi sigameko senzeka sekube nemibiko yabafundi abagwazwa besesikoleni kulesi sifundazwe ngesonto eledlule.

Ngeledlule, i-Stanger Weekly ikhiphe umbiko wokuthi kuqubuke impi yamaqembu amabili eThukela High School, eMandeni, ephethe ngokuthi kugwazwe umfundi oyedwa.

Kwesinye isigameko kushone abafundi ababili abaneminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi kunesigameko sokugwaza esikoleni samabanga aphansi oSizweni, eNewcastle, KwaZulu-Natal.

La bafundi baseVulindlela Primary School bagwazwe umfundi oneminyaka engu-12, kanti akucaci ukuthi kube yini umsuka walesi sehlakalo.

Kanti ngasekuqaleni kwesonto eledlule, kugwazwe umfundi waseHlamvana High School, Esikhaleni , washona.

UKhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni uzigxekile lezi zigameko.

Uthe; “Sinxusa abafundi ukuthi bengafiki esikoleni bephethe izikhali, futhi sibanxusa ukuthi bengaphazamisi ukufunda ngezinxabano zangaphandle kwesikole. Abafundi abangawuthobeli umthetho wesikole bazoqondiswa izigwegwe,” kusho uLieutenant General Ngobeni.

Uqhube ngoku nxusa abazali ukuba beqikelele ukuthi izingane zabo, abafundi, abayi esikoleni bephethe izikhali.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.