Kukhuthazwa ubuntu kubafundi bakumatikuletsheni

2016-11-30 06:01
Abafundi bakumatikuletsheni eTshelenkosi High School banikele ngomfaniswano wabo ngemuva kokubhala izivivinyo zabo zokugcina ngoLwesihlanu oledlule. x

Abafundi bakumatikuletsheni eTshelenkosi High School banikele ngomfaniswano wabo ngemuva kokubhala izivivinyo zabo zokugcina ngoLwesihlanu oledlule. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ezimele, Izwi Lothando Home and Community-based Services, ikhuthaze usiko lobuntu kubafundi bakumatikuletsheni baseTshelenkosi High School ngoLwesihlanu oledlule ngokuthi uma beqeda ukubhala izivivinyo zabo zokugcina zebanga leshumi ngeledlule bengawudabuli umfaniswano wabo njenge njwayelo kodwa bewunikele kubafundi abahlwempu abangakafiki ebangeni leshumi.

Usihlalo wale nhlangano, uMnuz Phila Zulu uthe: “Baningi abafundi abangenawo umfaniswano, ngalesi senzo laba abanikele ngowabo bafake isandla ekuyiseni iNingizimu Africa phambili. Okunye okuhle ngalesi senzo ukuthi bazothola izibusiso kuNkulunkulu njengoba nebhayibheli lisho lithi sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo,” kusho yena.

Uqhube wathi unethemba lokuthi isenzo saloluhloba singasiza ekutheni kunciphe imibhiyozo engalungile eyenziwa abafundi uma beqeda ibanga leshumi lapho abasebenzisa khona izidakamizwa ezigcine seziyingozi enkulu ezimpilweni zabo.

Uthishanhloko walesi sikole, uNks Nosipho Mpanza uthe kumangazile futhi uyaziqhenya ngalokhu okwenziwe abafundi bebanga leshumi njengoba kukhombisa ukuthi sebekhulile ngokwenqondo.

Uthe: “Abafundi bangishiye ngimangele ngoba lokhu abakwenzile kukhombisa ukuthi bayakuqonda ukubaluleka kokunikela nokubuyisela emphakathini. Njenge sikole sithanda ukudlulisa amazwi okubonga kuPhila okwaze ukuthi alekelele abafundi bethu ukuthi bekwazi ukufeza lokhu abekade behlose ukukufeza,” kusho uthishanhloko.

Uqhube wathi lokhu okwenziwe abafundi kulekelela labo abasuke bevela kwezinye izikole kodwa bengenawo amandla okuthenga umfaniswano wesikole esisha abazoqala ukufunda kusona.

Uthe: “Lokhu kwenza labo bafundi bezizwe bamukelekile esikoleni esisha okuyinto ebalulekile kumfundi ukuze ezoba nogqhozu lokufunda, yingakho siziqhenya ngabafundi bethu,” kusho Nks Mpanza.

Uqhube wathi bangama-89 abafundi bebanga leshumi abekade bethembise ukuthi bazonikela ngomfaniswano wabo kanti futhi uthe unethemba lokuthi ngonyaka ozayo lesi sibalo sizokhuphuka ukuze kuzolekelelwa abantu abaningi.

Uthe abanye babafundi abamukele umfaniswano bathembise ukuthi nabo bayonikela ngeyabo mhlazane sebeqedile ngesikole eminyakeni ezayo.

Unina woyedwa wabafundi abamukele umnikelo womfaniswano ngeledlule, uNks Makhosi Mweli, indodana yakhe ezoqala ibanga lesishiyagalombili (grade 8) khona eTshelenkosi ngonyaka ozayo, uthe uyathokoza kakhulu ngalo mnikelo njengoba ubesazozama ukutholela indodana yakhe, uNhlakanipho, umfaniswano.

Uthe: “Ngifisa sengathi uNkulunkulu engaba busisa bonke abafundi abanikele ngemfaniswano yabo. Imfundo ibaluleke kakhulu yingakho ngiwuthokozela lo mnikelo ngoba kusho ukuthi indodana yami isizokwazi ukuqhubeka neyayo imfundo,” kusho uNks Mweli.

UNks Mweli, ohlala eLindelani, uthe unezingane ezintathu kanti yena nomndeni wakhe baziphilisa ngemali yesibonelelo esivela kuhulumeni. Uqhube wathi ugqugquzele indodana yakhe ukuthi iwunakekele umfaniswano wayo ukuze nayo uma isiqeda isikole izokwazi ukunikela ngawo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.