Kuphazamiseke ukufunda e-Stanger High

2017-03-22 06:02
 Isithombe: Makhosandile ZuluKuphazamiseke ukufunda e-Stanger High School ngeledlule ngenkathi abafundi bebhikisha bekhala ngokuthi abavumelani nokushintshwa kuka thisha we-mathematics kumatikuletsheni.

Isithombe: Makhosandile ZuluKuphazamiseke ukufunda e-Stanger High School ngeledlule ngenkathi abafundi bebhikisha bekhala ngokuthi abavumelani nokushintshwa kuka thisha we-mathematics kumatikuletsheni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUPHAZAMISEKE ukufunda e-Stanger High School ngoLwesihlanu oledlule, ngomhla ka-10 kuNdasa (March), ngenkathi abafundi balesikole bebhikisha bekhala ngokushintshwa kuka thisha we-mathematics kumatikuletsheni.

Ngokusho kwabafundi, kumemezelwe ngoLwesine oledlule, ngomhla ka-9 kuNdasa, ukuthi lothisha, okubikwa ukuthi ungowokuhamba, angeke esafundisa kulesikole kanti umuntu ozongena esikhaleni sakhe useqokiwe.

Abafundi bathe abavumelani nalesinqumo ngoba ngokusho kwabo uthisha lo ozohamba ubafundisa ngendlela enhle, abayizwayo kanti futhi ngisho efundisa ukhombisa ukuzinikela njengoba ebafundisa nangezikhathi zekhefu nangempelasonto.

Abafundi baqhube ngokuthi ukushintshwa kukalo thisha kunezimpawu zokucwaswa kwakhe ngoba engasisona isakhamuzi saseNingizimu Africa.

Abafundi baphinde bathi uthishanhloko walesikole ucwasa abasebenzi ngokwebala, bathi ngenxa yalokhu kumele asule esikhundleni sakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu. Muzi Mahlambi uthi uMnyango wezeMfundo esifundeni iLembe ubhekene nalo loludaba.

Uthe: “UMnyango wezeMfundo awubashintshi othisha ngoba bengokuhamba, umnyango uqasha  othisha abavela kwamanye amazwe uma kukhona ubufakazi obuthi akekho uthisha waseNingizimu Africa ongaqasheka,” kusho uMnu. Mahlambi.

Okhulumela amaphoyisa aKwaDukuza, u-Warrant Officer Johannes Khoza uthe ngoMsombuluko, ngomhla ka-13 kuNdasa, abafundi bebefunda njengokufanelekile.  

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
Travel Dreams? Where would you rather be right now?

Partnered: Whether you're missing family overseas, dreaming of family adventures or romantic hideaways we all have that one place we'd rather be right now - but have you thought about the best way to get there?

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.