Kushone ababili engozini yemoto neloli

2016-06-29 06:00
Kushone baselisa ababili ngenkathi kushayisana imoto neloli emgwaqeni u-R102 ngeSonto ebusuku.  Isithombe: Sithunyelwe

Kushone baselisa ababili ngenkathi kushayisana imoto neloli emgwaqeni u-R102 ngeSonto ebusuku.  Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSHONE abantu besilisa ababili ngenkathi kushayisana imoto neloli emgwaqeni u-R102, maduzane nase Compensation, ngeSonto ebusuku, ngabo 7pm.

Abashonile umshayeli kanye nomgibeli wemoto encane.

UMnuz Paul Herbst, wabosizo oluphuthumayo i-IPSS medical rescue, uthe abezicima mlilo bakwamasipala waKwaDukuza baphoqeleke ukuba basebenzise imishini ukukhipha izidumbu zalabo abashone kule ngozi.

Kwesinye isigameko, ilungu lo mphakathi lithole isidumbu sengane okusolwa ukuthi ibinama hora ambalwa izaliwe ngoMgqibelo, ngomhlaka 25 kuNhlangulana (June), edolobheni laKwaDukuza.

Isidumbu sale ngane sitholakale ngasesitolo i-Nature’s Best, emgwaqeni u-King Shaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Captain Nqobile Gwala uthe isidumbu sengane sitholakale ngabo 11am sifakwe kupulasitiki kadoti.

Uthe: “Ingane ibigoqwe ngengubo ifakwe kupulasitiki kadoti. Okwamanje akekho umuntu oboshelwe lesi sigameko kodwa amaphoyisa aKwaDukuza ayaqhubeka nophenyo,” kusho yena.

Ngokusho kwamaphoyisa, abosizo oluphuthumayo bathe isidumbu sale ngane yentombazane besinezimpawu ezikhomba ukuthi izalwe ngawo uMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaDukuza, u-warrant officer Johannes Khoza unxuse amalungu omphakathi ukuba axhumane namaphoyisa uma kukhona abakwaziyo ngalesi sigameko.

Uthe: “Singamaphoyisa sinxusa umuntu ongaba nolwazi ngalesi sigameko, noma owazi umuntu obekhulelwe eselindele ukuteta kodwa ingane yakhe inyamalale ngendlela exakile ukuba axhumane namaphoyisa,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

4 die in Lenasia gunfight

2016-09-24 19:46

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.