Kuzolungiswa imigwaqo KwaDukuza

2016-03-23 06:00
Kuzolungiswa imigwaqo yakwa ward 16 kanye no ward 17. x

Kuzolungiswa imigwaqo yakwa ward 16 kanye no ward 17. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA yaKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu wethule usonkontileka ozolungisa imigwaqo yaku ward 16 kanye naku ward 17 eStanger Heights ngoLwesine oledlule.

IMeya ibiphelezelwa amalungu omkhandlu, omphakathi kanye namalungu egatsha lika Khongolose waseStanger Heights.

Ukulungiswa kwemigwaqo kuzobiza imali engu-R16, 5 million kanti kuzothatha iminyaka emithathu ukuthi kulungiswe imigwaqo u-Clover, Everest, Thucker, Centenary, Azalea kanye no Manor Drive.

Oyilungu lo mkhandlu waKwaDukuza, uMnuz Sandeep Oudhram uthe sekuphele isikhathi eside abahlali baku lama ward bekhalaza ngesimo semigwaqo.

Uthe umphakathi wagcine udlulise izikhalo zawo kwiMeya emhlanganweni okwaphoqa iMeya ukuba ingenele ukuze kuzotholakala isixazululo.

Oyilungu lo mphakathi, uMnuz Suvir Maharaj uthe: “Sibonga umasipala ngokuthi ugcine uthathe isinqumo sokulungisa lemigwaqo ngoba kade saba nayo le nkinga. Kuyajabisa ukuthi ikhansela laku le ward alikho namuhlanje,” kusho yena.

Elinye ilungu lo mphakathi, uMnuz Lucky Narayan uthe umphakathi uyathemba ukuthi lo msebenzi uzokwenzeka ngendlela efanele ungabi nakho ukuphazamiseka uze ufike emaphethelweni.

IMeya ithe umasipala uzotshala imali ezogcina ingqalasizinda zisesimeni esifanelekile.

UMnuz Mthembu uthe umsebenzi walolu hlobo uzoletha amathuba omsebenzi kubahlali bakwa ward 16 kanye nabakwa ward 17.

Uthe unethemba lokuthi umsebenzi wokulungiswa kwemigwaqo angeke kuphazamiseke futhi uma usonkontileka ehluleka ukwenza umsebenzi ngendlela efanele umasipala uzophoqeleka ukuthi uthole omunye usonkontileka.

Uqhube wathi kubalulekile ukuthi abahlali bethole izimemezelo ngokuthi umsebenzi uhamba kanjani.

Usihlalo we gatsha le ANC eStanger Heights, uMnuz Sanele Mthiyane uthe: “Sithanda ukuncoma iMeya yethu ngokuthi ikwaze ukuphendula izikhalo zomphakathi. Akusimangazi ukungabi khona kwekhansela. Iqembu le ANC lizimisele ekusebenzela imphakathi ngisho nale ehlala ezindaweni eziphethwe amanye amaqembu,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.