Kuzoqhubeka ukufakwa kuka gesi eVutha

2016-11-16 06:00
Isithombe: SithunyelweIMeya yaseMandeni, uMnuz Siphesihle Zulu umemezele ukuthi luzoqhubeka uhlelo lokufakwa kuka gesi endaweni yaseVutha.

Isithombe: SithunyelweIMeya yaseMandeni, uMnuz Siphesihle Zulu umemezele ukuthi luzoqhubeka uhlelo lokufakwa kuka gesi endaweni yaseVutha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA yaseMandeni, uMnuz Siphesihle Zulu umemezele ngoLwesibili oledlule, ngomhla ka-8 kuLwezi (November), ukuthi ukufakwa kukagesi ezindlini zaseVuthu kuzophothulwa maduzane.

UMnuz Zulu ubekhuluma emhlanganweni obubanjelwe enkundleni yezemidlalo yaseNkomidli, endaweni yaseNdulinde.

Uthe: “Namhlanje sihlangane lapha ukuzo kwethula usonkontileka okungu A1 Electrical kanye noMnuz Percy Mthembu owe PSMT Engineers abazoqhubeka nomsebenzi wokufakela amakhaya aseVutha ugesi. Ngenkathi kufakwa ugesi esigabeni sokuqala kwasala izindlu ezingu-352, yiwona msebenzi ozoqedelwa manje kanti silindele ukuthi uzothatha izinyanga ezintathu,” kusho iMeya.

Unxuse abahlali bakulendawo ukuba bengaqhubeki nokusebenzisa ugesi oxhunywe ngoku ngekho emthethweni njengoba sebezoxhunyelwe ugesi oqhamuka kwa-Eskom.

IMeya ithe: “Njengo masipala sisebenzisana ngokubambisana no-Eskom kanye noMnyango we-Energy and Minerals ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi yakithi ifakelwa ugesi,” kusho yena.

Uqhube wathi ngokohlelo luka masipala lokuthuthukisa izinqalasizinda sekwakhiwe izindlu ezingu-1000 endaweni yaseVutha.

Uthe: “Kubalikeli ukuthi sikusho ukuthi umasipala uzoqhubeka nesigaba sesibili sokwakhiwa kwezindlu ukuze labo abangazitholanga izindlu bezozithola nabo,” kusho uMnuz Zulu.

Uthe njenga manje umgwaqo u-D883 ufakelwa itiyela kanti umasipala ubambisane noMnyango wezokuThutha usuhlele ukuqala kokwakhiwa kwebuloho khona eVutha.

UMnuz Zulu uthe: “Njengo masipala siphinde sibe nezinhlelo ezihlelelwe ukuthi zilekelele imiphakathi yethu ukuthi ikwazi ukuxosha ikati eziko njengo hlelo i-CWP lapho khona siqasha amalungu omphakathi ukuba ezosebenzela ezikhungwini zikahulumeni ezahlukahlukene,” kusho yena.

Esephetha, uMnuz Zulu unxuse abakhokhintela baseMandeni ukuba beqikelele ukuthi intela bayikhokha ngesikhathi njengoba leyo mali idlala indima enkulu ekutheni umasipala ukwazi ukuhlinzeka izinqalasizinda.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.