Lugujwe ngemashi olwentsha eMandeni

2016-06-22 06:00
UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu, ephelezelwa uSekela wakhe uNkk Phindile Sishi, uSomlomo womkhandlu uNksz Makhosi Zungu kanye noSekela Meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu bahole imashi yokugubha usuku lwabantu abasha eMandeni ngeledlule. x

UMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu, ephelezelwa uSekela wakhe uNkk Phindile Sishi, uSomlomo womkhandlu uNksz Makhosi Zungu kanye noSekela Meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu bahole imashi yokugubha usuku lwabantu abasha eMandeni ngeledlule. x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

MHLAZIYISHUMI nesithupha kuNhlangulana (June) abahlali baseMandeni bahlanganyele ehholo laseSibusisiwe ngenhloso yokuba yingxenye yenkonzo kanye nemashi ebiholwa uMeya womkhandlu uMnuz Siphesihle Zulu, uSekela Meya uNkk Phindile Sishi, uSomlomo womkhandlu uNksz Makhosi Zungu, kanye namakhansela alomkhandlu.

Ethula inkulumo yakhe uMeya kulemashi ebihambisana nenkonzo enkulu uthe benze ngamabomu ukuthi bathi izinhlangano ezahlukene zepolitiki azifake imifaniswano yazo ehlukahlukene ngoba abafundi ababulwa ngalolusuku ngonyaka ka 1976, babesuka ezikoleni ezahlukene eGoli kodwa benomqondo owodwa wokulwisana nengcindezelo eyayidalwa uhulumeni wamabhunu owawuphoqa abantu ukuba bafunde izifundo ngolimi lwesibhunu.

UMeya uthe: “Indawo yaseMandeni ifana nekolishi lezepolitiki. UNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal umhlonishwa uMnuz Willies Mchunu wahlala elokishini lase Dark City futhi ebambe umzabalazo wabasebenzi ezimbonini zakwa Sithebe, uNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba unekhaya khona lapha eMandeni, siyaziqhenya siyiMandeni ngokuthi uMnuz Mike Mabuyakhulu okade enguNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho uphothule ibanga likaMatikulethseni esikoleni sasoThukela High School” usho kanje.

UMnuz Zulu akagcinanga lapho kodwa uphinde wakhumbuza intsha kanye abahlali baseMandeni ukuthi iMandeni iyikhaya likaMnuz Mike Dlomo oyilunga lesiShayamthetho ephalamende laKwaZulu-Natal, wabala lowo ongumfowabo ka Mnuz Mike Mabuyakhulu, uMnuz Vincent Mabuyakhulu wathi ukewaba nguMongameli weNumsa ezimbonini zakwaSthebe, sebebonke abantu ababeka iMandeni phambili uMeya ubale uDj Websta, uDj Cindo, uDj Kotini, uDj Chinaman, uDuma odlala emdlalweni wakumabonakude iSibaya Kanye noMbongeni Mavuso weqembu leziqhaza wathi inthsa kumele isike iphethini kulabantu.

Ngaphandle kwalokho uMeya uphinde wakhumbuza abantu ebebetheleke ngobuningi babo kulomgubho ukuthi iMandeni isike yasingatha imicimbi emikhulukazi wabala ukufika komculi weJazz waphesheya kwezilwandle uMnuz Kirk Whalum, wathi zolo lokhu abakwa Ncwane Communications bebehlele indumezulu yomcimbi weGospel lapho abaculi bezenkolo abanye ebebeqhamuka emazweni afana noMozambique, Malawi neTanzania bebeshiyelana khona inkundla, kanti esephetha uthe bazishaya isifuba ngokuthi kunezindawo esezinogesi eMandeni okuyi ward 2,6,5,8 wathi lokhu kukhomba ukuthi iMandeni ngeke isafana nasekuqaleni.

USekela Meya wesifunda iLembe uNkk Dolly Shandu uthe lolu wusuku olukhulu lapho begubha khona lolusuku ngokubamba imashi yokulwisana nokunukubezwa kwezingane, abesifazane, ukudlwengulwa kwezaguga kanye nokubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane okunhlobonhlobo. Phakathi kwabantu ebebeyingxenye yalomgubho kubalwa umculi wokholo odume ngelika Dumi Mkokstad, obezonandisa ngezingoma zakhe ezishisa izikhotha noshiye abantu besafuna impinda kanye noMfundisi uDube webandla laseThekwini Community Church nophinde abeyilunga lephalamende kwaZulu-Natal.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.