Obelahlekile kutholakale isidumbu sakhe eNonoti

2016-11-23 06:00
 Isithombe: SithunyelweImoto kamufi etholakale eThembeni.

Isithombe: SithunyelweImoto kamufi etholakale eThembeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASOLWA abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-18 kuya ku-48 bavele enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko, ngomhla ka-21 kuLwezi (November).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Colonel Thulani Zwane uthe basolwa ngecala lokubulala, ukuduna imoto kanye nokwamukela impahla entshontshiwe.

Uthe: “Ukuboshwa kwabo kulandela ukulahleka kukaMnuz Jayram Pillay, oneminyaka engu-52, owase Glenhills, olahleke ngomhla ka-17 kuLwezi. Umufi ubeshayela amatekisi asebenzisa imitha endaweni yaKwaDukuza ngenkathi elahleka. Kuvulwe idokodo lo muntu olahlekile emaphoyiseni aKwaDukuza,” kusho u-Colonel Zwane.

Uthe amaphoyisa afune uMnuz Pillay ngoLwesine nangoLwesihlanu oledlule.

Uthe: “Uphenyo luholele ithimba labaseshi eThembeni lapho okwadayiswa khona imoto kamufi. Abasolwa baboshelwe ukutholakala nemoto entshontshiwe, ukubulala kanye nokwamukela impahla entshontshiwe. Isidumbu sikamufi sitholakale emobeni waseNonoti sinamanxeba okugwazwa esifubeni. Abasolwa ababili babhekane necala lokubulala kanye nokuduna imoto kanti oyedwa ubhekane necala lokwamukela impahla entshontshiwe,” kusho u-Colonel Zwane.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-General Bheki Langa uhalalisele ithimba lamaphoyisa ngokuthi libophe abasolwa ngokushesha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.