Otholakale ne-whoonga uboshwe okwesibili

2016-02-17 06:00
Amaphoyisa afisa ukuqwashisa umphakathi ngohlobo olusha lwamaphilisi engu whoonga afana namaphilisi atholakala kudokotela.  Isithombe: Sithunyelwe

Amaphoyisa afisa ukuqwashisa umphakathi ngohlobo olusha lwamaphilisi engu whoonga afana namaphilisi atholakala kudokotela.  Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engu-32 otholakale ne-whoonga engu-209 ngase mbonini yamatekisi KwaDukuza ngoLwesine oledlule.

Okhulumela amaphoyisa aKwaDukuza, u-warrant officer Johannes Khoza uthe kusolakala ukuthi ingabiza imali engu-R5725 i-whoonga etholakale kulo msolwa.

Uqhube wathi umsolwa, uNkk Rose Mdluli, ubengaphandle ngebheyile emuva kokuboshwa ngonyaka odlule ngomhlaka 27 kuLwezi (November) ngenkathi amaphoyisa emthola ne-whoonga engu-90.

Uthe umsolwa bekumele avele enkantolo ngalelo cala ngomhlaka 3 kuNdasa (March) kulonyaka

UMnuz Khoza uthe: “Sifisa ukuqwashisa umphakathi, ikakhulukazi abazali nezingane zesikole, ngohlobo olusha lwamaphilisi e-whoonga. Lamaphilisi afana namaphilisi ajwayelekile atholakala kudokotela lokho kungenza ukuthi umuntu adideke azitshele ukuthi udla amaphilisi azomphilisa kanti udla i-whoonga,” kusho yena.

Kwesinye isigameko, kuboshwe abasolwa ababili abatholakale nezidakamizwa e-Sunny Park ngoLwesihlanu oledlule.

UMnuz Thulani Dlamini, oneminyaka engu-28, utholakale ne-whoonga engu-27 kanti uMnuz Sandile Libele, oneminyaka engu-29 utholakala namaphilisi ezidakamizwa angu-37.

UMnuz Khoza uthe abasolwa bavele enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko.

Amaphoyisa afisa ukuqwashisa umphakathi ngohlobo olusha lwamaphilisi e-whoonga afana namaphilisi ajwayelekile atholakala kudokotela. Kuboshwe ababili abatholakale nalamaphilisi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Hlaudi's R11.4m bonus

8 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.