Sekubulawe elinye futhi iphoyisa eGingindlovu

2015-11-18 06:00

KUBULAWE iphoyisa elilodwa kwathi elinye lalimala kanzima kulandela impi yezulu lezandla ngaseGingindlovu, ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane usiqinisekisile lessigameko.
Uthe: “Ngo-9am, ngoMsombuluko, amaphoyisa amabili aseGingindlovu abone amadoda amabili ehamba nge-Toyota Auris emhlophe emgwaqeni u-R102. Athe esemisa imoto, aqala avulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni,” kusho uMajor Zwane.
Uqhube wathi kushone u-Warrant Officer oneminyaka engu-51 kanti elinye iphoyisa liphuthunyiswe esibhedlela.
UMajor Zwane uthe abasolwa babalekile futhi akukaboshwa muntu. Uthe: “Imoto ababaleke ngayo abasolwa itholakala maduzane nalapho okwenzeke khona lesi sigameko. Kuvulwe icala lokubulala nokuzama ukubulala emaphoyiseni aseGingindlovu,” kusho uMajor Zwane. Ekhuluma neNews24, okhulumela i-IPSS uMnuz Paul Herbst uthe abezimo eziphuthumayo banikeze leli phoyisa usizo lwezempilo.

Uqhube wathi leli phoyisa elilimele libangwa nezibi njengoba lidutshulwe amahlandla amahlanu.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthe ukubulawa kwelinye iphoyisa esifundazweni kuyamuthusa kakhulu.

Uthe: “Sikhathazekile ngokubulawa kwamaphoyisa, sinxusa amalungu omphakathi ukuthi angasivumeli lesi simo ukuthi siqhubeke. Zinsuku zonke amaphoyisa ethu abhekana nesimo sokuthi kungenzeka abulawe enza umsebenzi wokuvikela umphakathi,” kusho u-Lt General Ngobeni.

Uqhube wathi amaphoyisa azosebenza kanzima ukuqikelela ukuthi abasolwa bayaboshwa.

U-Lt General Ngobeni udlulise amazwi enduduzo emndeni wephoyisa elishone kulesi sigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.