Uboshwe KwaDukuza 'obeshaya amakhadi' kuma-ATM

2016-11-30 06:00

OWESILISA , oneminyaka engu-29, uvele eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko, ngomhla ka-28 kuLwezi (November) ngamacala okugebenga abantu kuma-ATM.

Ngokusho kuka lieutenant colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Lo mlisa uboshwe ngoLwesihlanu oledlule kulandela ukugebenga owesimame imali engango-R5000.

Uthe umsolwa ugebenge owesimame ekuseni ngo-07:30 ezitolo zakwaDukuza eyokhipha imali.

UMnu. Zwane uthe: “Lo mama ubematasa ekhipha imali emishinini ngesikhathi umsolwa efika kuyena efuna ukumsiza. Lo mama uluvumile lolu sizo nokuyilapho umsolwa akhwabanise khona ikhadi lakhe. Lo mama uvele wahamba ngoba ebona ukuthi ikhadi lakhe alisaphumi emshinini."

Uqhube wathi kuthe isisulu sesihambile kusolakala ukuthi umsolwa uqhubeke nokukhipha lesi samba semali kwi-akhawunti yesisulu.

Uthe: “Uphuthume emaphoyiseni lo mama wamchaza njengoba enjalo umsolwa. Amaphoyisa asukume ngokushesha bamthola esematasa kuwo lowo mshini,” kusho uMnu. Zwane

Uqhube wathi ngesikhathi kuseshwa imoto kamsolwa, amaphoyisa athole ikhadi okusolakala ukuthi yilona alisebenzisela ukukhwabanisa nokuvalela amakhadi abantu emishinini.

Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-major general Bheki Langa uncome amaphoyisa aKwaDukuza ngomsebenzi awanzile ukuqinisekisa ukuthi umsolwa uboshwe ngokushesha.

Uthe: “Abaphenyi bethu bazozama ukuthola ukuthi umsolwa akathinteki kwezinye izigameko zokukhwabanisa amakhadi asebhange. Sinxusa amalungu omphakathi ukuba aqaphela uma ezosebenzisa umshini wokukhipha imali, ikakhulukazi njengoba kuza isikhathi samaholidi,” kusho uMnu. Langa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Empowering girls in science

A Johannesburg high school is making a change in science education for girls and seeing incredible results.

Partner Content
Travel Dreams? Where would you rather be right now?

Partnered: Whether you're missing family overseas, dreaming of family adventures or romantic hideaways we all have that one place we'd rather be right now - but have you thought about the best way to get there?

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.