Ukwehla kwezibalo zabaphila neNgculazi kuletha ithemba

2016-12-07 06:01
Isithombe: SithunyelweUNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu. Mthandeni Dlungwana uthe ukwehla kwezibala zabantu abahlolwe batholakala ukuthi baphila neNgculazi esifundeni iLembe kushiya inhlansi yethemba.

Isithombe: SithunyelweUNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu. Mthandeni Dlungwana uthe ukwehla kwezibala zabantu abahlolwe batholakala ukuthi baphila neNgculazi esifundeni iLembe kushiya inhlansi yethemba.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu. Mthandeni Dlungwana uthe ukwehla kwezibalo zabantu abahlolwe batholakala ukuthi baphila neNgculazi esifundeni iLembe kushiya inhlansi yethemba.

UMnu. Dlungwana ubekhuluma emcimbini wokugujwa kosuku lwe-World Aids Day ehholo lo mphakathi eSibusisiwe, eMandeni, ngoLwesine oledlule, ngomhla ka-1 kuZibandlela (December).

Uthe nakuba lesi sifunda iLembe sibonakala singesinye salezo ezihamba phambili ngokuhaqeka kwabantu yilolu bhubhane lwesifo kushiya inhlansi yethemba ukuthi izibalo zamanje zehlile uma ziqhathaniswa neminyaka edlule njengoba ngonyaka ka-2012/2013 abantu abebenesifo seNgculaza babengu-15.5% kwathi ngo-2013/2014 baba ngu-13.5% nokuthe ngo-2013/2014 baphinda futhi baba ngu-13.5% kanti ngonyaka ka-2015/2016 baba ngu-12%.

Uthe: “Ngokwezibalo zoMnyango wezeMpilo kulesi sifunda, lesi sifunda salapha iLembe sinabantu abangu-17013 abahlolwe kwatholakala ukuthi banesifo seNgculaza kwabangu-144066 ebebehlolile ngonyaka ka-2015 kanye nalo esikuwo u-2016. Lokhu kusho ukuthi lesi sifunda simi ku-12% wesibalo sabantu abahaqwe yilesi sifo,” kusho yena.

Uqhube wathi Lesi isimo asisihle neze njengoba sisho ukuthi isifunda iLembe kanye nesaseKing Cetshwayo zimi endaweni isibili ngokuba nezibalo eziphezulu zabantu abahaqwe yisifo seNgculaza ngemuva kweTheku okuyilo elihamba phambili ngo-13%.

Uthe iminyango ehlukene kaHulumeni isebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi kuqhanyukwa nezinhlelo kanye nemikhankaso ezovikela abantu abasha ukuthi bangazitholi sebengena ezinkingeni okungafanele ukuthi ngabe bangena kuzo. Uthe kule mikhankaso nezinhlelo uHulumeni usebenzisana nezinhlaka eziningi okubalwa kuzona amaphoyisa ophiko lweSouth African Police Services (SAPS), SANCA, Child Line, Thuthuzela Care Centre kanye nezinye izinhlangano ezingenzi inzuzo. Uthe iminyango eseqhulwini kule mikhankaso ngowezeMfundo, owezeMpilo kanye nowezokuThuthukiswa koMphakathi.

Uqhube wathi ukusebenzisana phakathi kweminyango kaHulumeni kanye neThuthuzela Care Centre ezinze ngaphakathi esibhedlela saseStanger kunezithelo ezinhle kakhulu ikakhulukazi kubantu abayizisulu zokudlwengulwa.

Uthe uHulumeni ukuqonda kahle kamhlophe ukuthi abantu baphila emiphakathini ngezinye izikhathi ebuye ibhekane nezinselelo ezahlukene. Uthe kulezi zinselelo kungabalwa ukusetshenziswa kwezidakamizwa intsha, ubugebengu, ukuyeka kwezingane zesikole ukufunda, ububha kanye nokusabalala kwemindeni eholwa izingane.

Uthe: “Iningi lalezi zinkinga linomthelela omkhulu ekubhebhethekeni kwesifo seNgculaza. Kungalesi sizathu noMnyango wezeMfundo enginguMphathiswa wawo wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi kuba khona izinhlelo zokuzama ukubuyisela endleleni intsha esuke isesezikoleni kodwa ebonakala iziphethe ngendlela engeyinhle nokucacayo ukuthi ingaholela ezimweni ezimbi. Uphiko lwakwa-Special Needs Education Services (SNAS) eMnyangweni ngaphansi kohlelo i-My Life My Future selwenze umsebenzi omkhulu ukuzama ukuhlumelelisa izimilo zabafundi abaphuma esandleni,” kusho uNgqongqoshe.

Uthe yize uMnyango wezeMfundo ungakugqugquzeli ukukhulelwa kwezingane zesikole kodwa kumanje ususungule izinhlelo ngokusebenzisana nosonhlalakahle zokuqinisekisa ukuthi abafundi abakhulelwe bayalulekwa ngendlela efanele nokuzobasiza ukuthi bagweme amaphutha abangawenza ngesikhathi sokukhulelwa kwabo njengoba iningi labo besebancane ngokweminyaka.

Uthe: “Kungiphatha kabi ukuthi sinesibalo esingu-780 sabafundi abakhulelwe ngonyaka owedlule yize abangu-771 bekwazile ukuthi bagcine bebuyele esikoleni. Abangu-34 kubo bakwazile ukuqeda u-Grade 12 wabo. Kuleli qophelo, mphakathi, ngifisa ukuphinda futhi ngihlabe ikhwelo ngilibhekise kubazali ukuthi baqhubeke nokuxoxisana nezingane zabo ngokubaluleka kokuziphatha kahle ukuze kugwemeke ukukhululewa kwezingane ezikoleni,” kusho Mnu. Dlungwana.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead

Some dogs go mad the minute they see the leash, drag their owner out the door and once outside start spinning, leaping about and pulling their humans off their feet.

 
 

Paws

SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Does your dog have separation anxiety?
Fascinating facts about dogs
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.