Umasipala wethule ikomiti elizolwisana nezidakamizwa

2016-05-18 06:00

KWETHULWE ikomiti elizolwisana nezidakamizwa enkundleni yezemidlalo yaseNgcedomhlophe, eMandeni, ngoLwesihlanu oledlule.

IKhansela uMnuz Mduduzi Ziqubu uthe: “Usuku lwanamhlanje lubalulekile eMandeni njengoba sizothula lelikomiti,” kusho yena.

IMeya yaseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu uthe kungumsebenzi wamalungu omphakathi ukuqwashisa ngezidakamizwa ikakhulukazi kulabo abazisebenzisayo.

Uqhube wathi lelikomiti kumele lixwayise labo abasebenzisa izidakanizwa ukuthi kuyicala ukusebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni. Uthe lelikomiti kumele lithole amasu okuqeda ngezidakamizwa emphakathini.

Uthe: “Kumele kube khona indima edlalwa amaphoyisa ezinhlelweni zokulwisana nezidakamizwa. Kuyadabukisa ukuthi kukhona amanye amaphoyisa akhetha ukungawenzi ngendlela umsebenzi ngokuthi amukele imali ekhishwa yizigilamukhuba,” kusho iMeya.

Uqhube wathi ukuze kuzoqedwa izidakamizwa emphakathini kumele kutholakale umthobo walapho ezitholakala khona.

IMeya inxuse amalungu omphakathi ukuthi bengazithengi izimpahla ezintshontshiwe ngoba lokho kugqugquzela izigebengu ukuthi ziqhubeke nokuntshontsha.

Uqhube ngokugxeka abantu abadayisela abafundi besikole ugwayi, wathi lelikomiti kumele lithole indlela yokubhekana nezimo zalolu hlobo.

IMeya uMnuz Zulu uthe: “Nabazali bezingane zesikole kumele besebenzisane nomasipala ukubhekana nalesi simo. Silendele ukuthi amakhansela azohlangana namalungu omphakathi ukuthola indlela yokulwisana nokubhebhetheka kwezidakamizwa emphakathini yethu,” kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.