Umculo wokholo ohlanganiswe ne-jazz

2016-02-24 06:00
ISITHOMBE: JYOTHI LALDAS UMnuz Nathi Mbonambi uthe umculo wakhe wokholo uhlukile ngoba uhlanganiswe ne-jazz. 

ISITHOMBE: JYOTHI LALDAS UMnuz Nathi Mbonambi uthe umculo wakhe wokholo uhlukile ngoba uhlanganiswe ne-jazz. 

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-gospel uMnuz Nathi Mbonambi, waseGroutville, KwaDukuza, uthe kuyintokozo kuyena ukuthi uze wakwazi ukufeza iphupho lakhe lokuthi aqede ukwenza i-album yakhe yokuqala yomculo wokholo.

Isihloko se-album kaMnuz Mbonambi sithi: The Beginning, ikhishwe ngaphansi kwenkampani yakhe ebizwa ngokuthi Lusanda Entertainment.

Uthe: “Umculo wami wenziwe ngendlela ehlukile kuna manye ama-album e-gospel ngoba owami uhlanganise umculo we-jazz kanye nowe gospel,” kusho uMnuz Mbonambi.

Uqhube wathi ingoma etholakala kule album isihloko sayo esithi: ‘Konke Kuzoshabalala’ isidlala eziteshini ezidlala umculo wokholo njengo uKhozi, Izwi loMzansi kanye neGagasi FM.

UMnuz Mbonambi uthe: “Kungithathe unyaka ukuthi ngihlanganise le-album enama noni angu-14. Kulezi zingoma kukhona eyenzelwe uMadiba bese kuba khona ekhuluma ngokubumbana kwabantu bezwekazi lase Africa,” kusho yena.

Uthe ubonga nemithandazo yabantu akhonza nabo kanye nabafundisi base bandleni lakhe i-Wisdom For Christ Church International uMfu Gwala noMfu Hadebe kanye noBishop Khanyile.

Uthe: “Ngifisa ukubonga umndeni wami ongisekelayo, abantu engisebenze nabo, abalandeli bami, umphakathi wonke waKwaDukuza kanye neziteshi zomphakathi. Ngifisa nokubonga uMnuz Tshepo Ncukela,” kusho yena.

Uthe usebenzisane noMnuz Fiso Fakude odume ngezi ngoma zothando, uSandy Dee waseNanda, eThekwini, uMnuz Isaya Mbonambi odume ngengoma ethi uJesu Ungena Kuqala.

Uqhube wathi i-album yakhe itholakala kuyena okwa manje. Ungaxhumana naye uMnuz Mbonambi enobolweni ethi 072 554 1973 noma uye e-Music World, eThekwini. Ibiza imali engu-R50.

Uthe ufisa ukubonga abalandeli bakhe ngoba ngaphandle kwabo ngabe umculo wakhe awusiyona impumelelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.