UMkhandlu uphokophelele ukuhambisa intuthuko kubantu

2016-10-26 06:00
 Isithombe: SithunyelweUMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu uthe uMkhandlu wakulendawo uzimisele ngokuthi uhambise intuthuko kumphakathi waseMandeni.

Isithombe: SithunyelweUMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu uthe uMkhandlu wakulendawo uzimisele ngokuthi uhambise intuthuko kumphakathi waseMandeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMKHANDLU waseMandeni ngaphansi kobuholi bukaMeya uMnuz Siphesihle Zulu usemkhankasweni wokuhambisa izidingo kanye nentuthuko kubantu. Lokhu kulandela uhide lwemihlangano kasomqulu wentuthuko edidiyelwe ngeledlule, phecelezi IDP Consultative meetings, nokuyimhlangano ehlelwe yiloMkhandlu ngenhloso yokwethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe kuwo wonke amawadi nalapho uMeya womkhandlu esuke ehambe elalela zonke izinto ezithinta izidingo zemiphakathi eyakhele iMandeni.

Ngaphambi kokwethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe lokuqala emhlanganweni obubanjelwe kwa ward 12 mhla ziyi 18 kuMfumfu (October), endaweni yakwa Sithebe bude buduze neShekembuya Creche, uMeya woMkhandlu uMnuz Siphesihle Zulu, ophinde ashayele umkhumbi wokuhanjiswa nokulethwa kwentuthuko kubantu uqale wabonga abantu ngokuba yingxenye yokhetho loHulumeni basekhaya obelungomhla zintathu enyangeni kaNcwaba (August), wathi bakhombisile ukuthi basathanda ukuba inhlangano kaKhongolose ibahole.

Uthe:“SiwuMkhandlu sizibophezele ekusebenzeni ngokuzikhandla, nangokubambisana yize uMkhandlu wakhiwe zinhlangano zezepolitiki ezahlukene, futhi asiwona amakhansela okuqala, futhi asiwona awokugcina kodwa sizosebenzela phezu kwesisekelo esishiwe uMkhandlu obukhona ngesikhathi esedlule,” usho kanje.

UMnuz Zulu uthinte udaba lokwakhiwa kwezindlu ngaphansi kohlelo olubizwa ngeMathonsi Sundumbili Housing Project, wathi loluhlelo luyaqhubeka kanti luthinta u-ward 10, 12 kanye no ward 5. Eqhubeka nesethulo sakhe ebesilalelwe zinkumbi zabahlali bakulendawo uMeya uphinde waveza ukuthi nohlelo lokwakhiwa kwezindlu ngaphansi kohlelo olubizwa ngeNyoni Housing Project (Canaan) luzoqhubeka ngenyanga kaLwezi (November) wathi kuphela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu wabona kukuhle ukuthi lezizindlu zakhiwe ngendlela esalokishi, wathi into eyenza ukuthi kubesengathi kunokubambezeleka ukuthi kusakhiwa imigwaqo, nemizila ehambisa amanzi uma linile, phecelezi (storm-water drainage pipes), nokuhambisana kanye nokufakelwa kukagesi, ukuvezile ukuthi lokhu kudale ukuthi kungasheshi ukungena kwabantu kulezindlu njengalokhu impilo ibingeke ibeyinhle uma zingekho lezinto ezibalwe ngenhla.

Ngalena kwalokho uMeya uphinde wazwakalisa ukuthi nohlelo olwaziwa ngeSithebe Rural Housing Project luyaqhubeka wathi zizinkulungwane ezimbili izindlu okumele zakhiwe, wathi ukubhalisela lezindlu kusaqhubeka waveza ukuthi kumanje babalelwa kwinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nesithupha (1, 376) abantu esebebhalisile.

Uthe:“Abanye abantu bacabanga ukuthi loluhlelo luhamba kancane kanti yingoba sizama ukucophelela nokuvimba isimo lapho uthola khona ukuthi umuntu usethola izindlu ezevile kweyodwa ebe eyedwa nokudala ukuthi kube sengathi akukho ubulungiswa ekubhaliselweni kwezindlu, nasekufakweni kwabantu ezindlini, futhi uhlelo lokubhalisa luzokwenziwa umuzi nomuzi ngoba sabona ukuthi ukubhalisa ehhovisi kudala izinkinga, kanti abanye bagcina sebebhalisa ngemininingwane engasilo iqiniso,” kusho iMeya.

Ngalena kwalokho uMeya uzwakalise ukuthi uhlelo lokulungisa imigwaqo eyimingenelo lusaqhubeka, wabala nokulungiswa komgwaqo wase Sangweni elincane, waphinda waveza ukuthi uhlelo lokufakelwa kukagesi nalo lungezinye zezinto abazibeke eqhulwini bewuMkhandlu, wathi luzoqhubeka kuze kube kuphele kubo bonke labo abangenawo ugesi.

Ngaphambi kokuthi aphethe uMnuz uphinde waveza ukuthi bewuMkhandlu banezinhlelo zokusiza abantu ukuba bakwazi ukuxosha ikati eziko wabala uhlelo olwaziwa nge- EPWP, Food for Waste, CWP noZibambele wathi lezinhlelo kuhloswe ngazo ukuthi umuntu akwazi ukuzitholela amasenti okuthi akwazi ukulala edlile hhayi ngoba kusuke sekuwumsebenzi umuntu angaphila ngawo. Uthe:“UMkhandlu uphinde ubenohlelo lokulekelela labo abangosomabhizinisi abancane, sinama-forms atholakala emaKhanseleni okuthi umuntu akwazi ukuthola uxhaso lwezinsiza kusebenza njengalokhu phambilini sikwazile ukunikezela ngemishini yokusika utshani, imishini yokuthunga, eyokwakha ama-blocks, nakulabo abafisa ukubhalisa amabhizinisi abo uMkhandlu uyakwazi ukungenelela usize lowomuntu aphinde athole noqeqesho ngezokuphathwa kwebhizinisi,” kuchaza uMeya.

UMeya uhlube udlubu ekhasini echazela umphakathi obutheleke ngezinkani ngalena kwelanga ebelikhipha umkhovu etsheni, echaza mayelana nokuthi bewuMkhandlu imali yokwenza ezinye izidingo zomphakathi bayithola ngokuthi baqoqe imali yentela kubahlali baselokishini iSundumbili Township, High View Park, Tugela Mouth, nakwamanye amabhizinisi afana ne Mandeni Mall, Sundumbili Plaza, amafemu akwaSithebe, yizikhungo zikaHulumeni, kanye nakubalimi nabanye osomabhizinisi abazimele. Esephetha umshayeli womkhumbi wokulethwa kwentuthuko eMandeni uthe uKhansela wakulendawo uMnz Muzi Mkhaliphi ubeke ukulungiswa kwemigwaqo eyibhuqu, ukuqedelwa kukofakelwa kukagesi, ukufakelwa kwezibani zokukhanyisa emgwaqeni, ukwakhiwa kwezindawo zabahamba ngezinyawo emgwaqeni, ukwakhiwa kwesikhungo sentsha, kanye nokuphuthunyiswa ukwakhiwa kwezindlu ngaphansi kohlelo iSithebe Housing Project, wathi leziphakamiso zenziwa emhlanganweni wamaKhansela obusezintabeni zoKhahlamba (Drakensburg) nokuwuhambo olwathatha izinsuku ezinhlanu ngenyanga kaMandulo (September) lapho wonke amaKhansela oMkhandlu ayehlangene khona ukuyodingida ngezinto okumele zibekwe eqhulwini mayelana nokuhanjiswa kwezidingongqangi nentuthuko kubantu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.