Umndeni ubuhlungu ngokubikwe ephephandabeni

2016-11-23 06:01
UMnu. Michael Mashu Mbutho, osesithombeni, wabulawa ngomhla ka-21 kuLwezi endaweni yaseMgigimbe, osolwa kuleli cala uvele enkantolo ngoMsombuluko kanti ugcinwe ngaphakathi ezitokisini.  Isithombe: Sithunyelwe

UMnu. Michael Mashu Mbutho, osesithombeni, wabulawa ngomhla ka-21 kuLwezi endaweni yaseMgigimbe, osolwa kuleli cala uvele enkantolo ngoMsombuluko kanti ugcinwe ngaphakathi ezitokisini. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI kaMnu. Michael Mashu Mbutho, owesilisa oneminyaka engu-60 owabulawa ngomhla ka-11 kuLwezi (November) 2016 endaweni yaseMgigimbe, uthe uzizwa ubuhlungu ngokubikwe kuleli phephandaba ngeledlule njengoba uthi akubikwanga ngendlela efanele.

UMshana kaMnu. Mbutho, uNksz Chazekile Mbutho uthe: “Lento ebhaliwe ayisijabulisi siwumndeni, isizwisa ubuhlungu ngoba ihlambalaza igama likamalume,” kusho yena.

Echaza ngokwenzeka ngelanga lesigameko, uNksz Mbutho uthe wathi ebuya emsebenzini wathola ucingo ngabo 5:30pm olwaluvela kumakhelwane kamalume wakhe ongasekho. Uthe watshelwa umakhelwane ukuthi umalume wakhe usedlulile emhlabeni.

Uthe: “Ngathi umangimbuza ukuthi kwenzakaleni, wangitshela ukuthi kuthiwa umalume ungenelwe umuntu endlini wamugawula,” kusho uNksz Mbutho.

Uqhube wathi waphuthuma waya eMgigimbe ukuyothola ukuthi kwenzakaleni kumalume wakhe.

Uthe: “Ngathi ngifika eMgigimbe ngafica omakhelwane abangitshela ukuthi umkhulu uMbutho ubekade ephuza nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma. Omakhelwane bathi bekukhona nentombazane abethandana nayo,” kusho uNksz Mbutho.

Uqhube wathi omakhelwane bamutshela ukuthi kusolaka ukuthi umsolwa waqala ngokuthi athathe utshwala bukaMnu. Mbutho. Uthe ngokusho komakhelwane, umalume wakhe wabuza umsolwa ukuthi yindaba engaceli ukuphuziswa.

UNksz Mbutho uthe: “Kusho ukuthi umalume wona kanjalo ngokuthi akhulume ngoba emuva kwalokho [umsolwa] wamthatha ngesibhakela, wamushaya waze wagibela phezukwakhe ngezinyawo lapha ebusweni, balamula laba umalume ayephuza nabo. Bathe bengasanakile, beyitshela ukuthi isiphelile indaba esuke lo muntu lo, eshone kumalume futhi, eyomshaya. Intombazane, yona le yezigeme geme, ithe izama ukulamula wavele wathatha ucelemba umuntu lo washaya intombazane ekhanda ngawo ucelemba, isinde ngokubaleka intombazane,” kusho yena.

Ngokusho kukaNksz Mbutho, umsolwa kusolaka ukuthi wahlasela umufi ngoba ethi uthandana nomfazi wakhe.

Uthe isimo sika malume wakhe ngenkathi yena embona esefile sasihlasimulisa igazi ngendlela yokuthi waze wazibuza yena ukuthi umuntu owamenza kanjeya noma yisilwane.

Ekhuluma ngokwa shicelelwa kuleli phephandaba, uthe: “Omalume abadala basekhaya bebethi ngoba sekuphume igama elithi, mshana sicela uhambe wena ufike ucele amaphoyisa ukuthi sicela leziyithombe ayeyishutha laphaya [endaweni yesigameko] kube yizona ezisetshenziswayo khona bezobona bonke abantu ukuthi hayi ngoba wayengagqokile, wayegqokile, wayegqoke namabhuzu,” kusho uNksz Mbutho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Colonel Thembeka Mbhele uthe umsolwa, oneminyaka engu-25, uvele enkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko, ngomhla ka-21 kuLwezi kanti ugcinwe ngaphakathi ezitokisini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.