Umphakathi ubhikishe washisa amaloli

2016-05-18 06:00
Umphakathi waseNtshawini ushise amaloli amathathu ngenkathi ubhikisha ngoLwesihlanu oledlule.x

Umphakathi waseNtshawini ushise amaloli amathathu ngenkathi ubhikisha ngoLwesihlanu oledlule.x

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI waseNtshawini uvimbe umgwaqo u-R102 washisa amaloli amathathu ngenkathi ubhikisha ngoLwesihlanu oledlule ukhala ngokuthi kumele kufakwe izithiyo zokunciphisa isivinini sezimoto emgwaqeni u-R102.

Umphakathi uphakamise lesi sicelo emuva kokuthi kushayisane izimoto kuwona lo mgwaqo ngoLwesihlanu ekuseni, kanti uthi izingozi zalolu hlobo ziyimvamisa kuyona le ndawo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Major Shooz Magudulela uthe kuvulwe icala lokucekela phansi impahla emaphoyiseni aKwaDukuza kodwa akuka boshwa muntu kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokuphenya.

IKhansela laseNtshawini uMnuz Nevas Hlatshwayo uthe umphakathi ububhikisha ngoba izingozi zivamisile ukwenzeka kuleya ndawo kanti sekwalimala nabantu abaningi yingakho umphakathi ukholelwa ukuthi izithiyo zokunciphisa isivinini sezimoto zibalulekile.

UMnuz Hlatshwayo ukugxekile ukushiswa kwamaloli wathi lokhu kuzoba nomthelela ongemuhle kulabo abasebenzela izinkampani zawo lamaloli.

Uqhube wathi ubuholi kumele kuhlangane nomphakathi ukuze kuzoxoxiswana kutholwe izixazululo ngalolu daba. Uthe kumele noMnyango wezokuThutha uthintwe ngoba yiwona ogunyazwe ukuba ufake izithiyo zokunciphisa isivinini sezimoto kulo mgwaqo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.