Umphakathi ubhikishele ugesi namanzi kwaMaphumulo

2016-03-09 06:00

UMPHAKATHI waseDakadaka, ku-ward 7 kwaMaphumulo, uvale umgwaqo ngamatshe ngesikhathi ubhikisha ngoMgqibelo, ngomhlaka 5 kuNdasa (March).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Major Thulani Zwane uthe umphakathi ubukhononda ngoku ngabi nawo ugesi, amanzi kanye nezingqalasizinda.

Uthe: “Kuboshwe abasolwa abaneminyaka esuka ku-25 kuya ku-38 ngamacala okudala udlame emphakathini, kulindeleke ukuba bazo vela enkantolo yeMantshi ngoMsombuluko. Amaphoyisa awatholanga mbiko yabantu abalimalile futhi ayikho nembiko yokuthi kulinyazwe impahla,” kusho yena.

IMeya yakwaMaphumulo uNkk Happy Ngcobo uthe ngenxa yokubambeka akakwazanga ukuyo kwethula umphakathi kodwa abaholi bakwa masipala bakwazile ukunqanda isimo.

Uthe kuthathwe isinqumo sokuthi kuzomele kubekhona umhlangano womphakathi ozohanjelwa isifunda iLembe, esihlinzeka amanzi, umasipala wakwaMaphumulo kanye no-Eskom abahlinzeka ugesi ukuze kuzo khulunywa ngezimfuno zomphakathi.

Uqhube wathi ababhikishi aba banganalo udlame njengoba abaholi bakwa masipala bekwazile ukukhuluma nabo kwathathwa isinqumo esithathiwe.

Kubikwa ukuthi izakhamizi zaseDakadaka zivimbele i-Independent Electoral Commission ukuba iqhubeke nohlelo lwayo lokubhalisela ukuvota ngoMgqibelo kodwa uhlelo lokubhalisa lubuyele ohlelweni ngeSonto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.